DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Januwari 2026

UMgqibelo, Januwari 31, 2026

Ungasho ukuthi:
“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala
zazizinhle kunalezi na?”
Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.

ULwesihlanu, Januwari 30, 2026

Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova,
sikuhlalele.
Umphefumulo uyalangazelela
igama lakho nesikhumbuzo sakho.

ULwesine, Januwari 29, 2026

Enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.

ULwesithathu, Januwari 28, 2026

UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.”

ULwesibili, Januwari 27, 2026

Ngiyakuthanda, Jehova,
mandla ami.
Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo.

UMsombuluko, Januwari 26, 2026

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.

ISonto, Januwari 25, 2026

Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.

UMgqibelo, Januwari 24, 2026

Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;
ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.

ULwesihlanu, Januwari 23, 2026

Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo.

ULwesine, Januwari 22, 2026

Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba.

ULwesithathu, Januwari 21, 2026

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
banengqondo enhle bonke abakwenzayo.
Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

ULwesibili, Januwari 20, 2026

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.
Amen.

UMsombuluko, Januwari 19, 2026

UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

ISonto, Januwari 18, 2026

Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi:
“Baba wethu osezulwini,
malingcweliswe igama lakho;
mawufike umbuso wakho;
mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. ”

UMgqibelo, Januwari 17, 2026

Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.

ULwesihlanu, Januwari 16, 2026

Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!

ULwesine, Januwari 15, 2026

Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo.

ULwesithathu, Januwari 14, 2026

Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

ULwesibili, Januwari 13, 2026

Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.

UMsombuluko, Januwari 12, 2026

Ndodana yami,
uma inhliziyo yakho ihlakanipha,
inhliziyo yami iyakuthokoza,
yebo, eyami.

ISonto, Januwari 11, 2026

Njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.

UMgqibelo, Januwari 10, 2026

Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.

ULwesihlanu, Januwari 9, 2026

Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,
ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.

ULwesine, Januwari 8, 2026

Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.

ULwesithathu, Januwari 7, 2026

Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu.

ULwesibili, Januwari 6, 2026

Isipho somuntu siyamenzela indawo,
simholele kwabakhulu.

UMsombuluko, Januwari 5, 2026

Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.

ISonto, Januwari 4, 2026

Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?

UMgqibelo, Januwari 3, 2026

Ngiyakuhamba endaweni ebanzi,
ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.

ULwesine, Januwari 1, 2026

Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.