ULwesibili, Januwari 20, 2026
Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.Amen.
UMsombuluko, Januwari 19, 2026
UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”ISonto, Januwari 18, 2026
Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi:“Baba wethu osezulwini,
malingcweliswe igama lakho;
mawufike umbuso wakho;
mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. ”
UMgqibelo, Januwari 17, 2026
Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.ULwesihlanu, Januwari 16, 2026
Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!ULwesine, Januwari 15, 2026
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo.
ULwesithathu, Januwari 14, 2026
Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.ULwesibili, Januwari 13, 2026
Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.UMsombuluko, Januwari 12, 2026
Ndodana yami,uma inhliziyo yakho ihlakanipha,
inhliziyo yami iyakuthokoza,
yebo, eyami.
ISonto, Januwari 11, 2026
Njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.UMgqibelo, Januwari 10, 2026
Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.ULwesihlanu, Januwari 9, 2026
Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.
ULwesine, Januwari 8, 2026
Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.ULwesithathu, Januwari 7, 2026
Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu.ULwesibili, Januwari 6, 2026
Isipho somuntu siyamenzela indawo,simholele kwabakhulu.
UMsombuluko, Januwari 5, 2026
Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.ISonto, Januwari 4, 2026
Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?UMgqibelo, Januwari 3, 2026
Ngiyakuhamba endaweni ebanzi,ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.
ULwesihlanu, Januwari 2, 2026
Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.ULwesine, Januwari 1, 2026
Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.Amen.