DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Februwari 2026

UMgqibelo, Februwari 28, 2026

Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.

ULwesihlanu, Februwari 27, 2026

Ngasivuma isono sami kuwe,
angisifihlanga isiphambeko sami;
ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”
wena wathethelela icala lesono sami. Sela

ULwesine, Februwari 26, 2026

Abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu.

ULwesithathu, Februwari 25, 2026

Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.

ULwesibili, Februwari 24, 2026

Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;
ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

UMsombuluko, Februwari 23, 2026

Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya.

ISonto, Februwari 22, 2026

Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.

UMgqibelo, Februwari 21, 2026

Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,
izwe nabakhileyo kulo.

ULwesihlanu, Februwari 20, 2026

Owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.

ULwesine, Februwari 19, 2026

Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.

ULwesithathu, Februwari 18, 2026

Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:
ukuthukulula izibopho zobubi
nokuxegisa imichilo yejoka;
ukukhulula abacindezelwayo
nokwaphula onke amajoka na?

ULwesibili, Februwari 17, 2026

Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha
nomuntu ozuza ingqondo.

UMsombuluko, Februwari 16, 2026

Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.

ISonto, Februwari 15, 2026

Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’

UMgqibelo, Februwari 14, 2026

Ngiyamthanda uJehova,
ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.
Ngokuba ubekile indlebe kimi
ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

ULwesihlanu, Februwari 13, 2026

UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.”

ULwesine, Februwari 12, 2026

Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.

ULwesithathu, Februwari 11, 2026

Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kepha ukulunga kophula ekufeni.

ULwesibili, Februwari 10, 2026

Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.

UMsombuluko, Februwari 9, 2026

Funani okuhle, hhayi okubi,
ukuze niphile,
abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,
njengalokhu nisho.

ISonto, Februwari 8, 2026

UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

UMgqibelo, Februwari 7, 2026

UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. Uma umbuso wami ubungowaleli zwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda. Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.”

ULwesihlanu, Februwari 6, 2026

Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.

ULwesine, Februwari 5, 2026

Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,
neqiniso,
yebo, nezindlela zonke ezinhle.

ULwesithathu, Februwari 4, 2026

UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”

ULwesibili, Februwari 3, 2026

UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

UMsombuluko, Februwari 2, 2026

Kungakaveli izintaba,
ungakawenzi umhlaba nezwe,
kuthi kusukela phakade kuze kube phakade
wena Nkulunkulu ukhona.

ISonto, Februwari 1, 2026

Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.