DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Mashi 2026

ULwesibili, Mashi 31, 2026

Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.

UMsombuluko, Mashi 30, 2026

Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo,
onomusa nokubekezela,
uvame ubumnene nokuthembeka.

ISonto, Mashi 29, 2026

Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi:
“Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!
Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
Hosiyana kweliphezulu!”

UMgqibelo, Mashi 28, 2026

Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.

ULwesihlanu, Mashi 27, 2026

Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.

ULwesine, Mashi 26, 2026

Omubi uthola inzuzo yenkohliso,
kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.

ULwesithathu, Mashi 25, 2026

Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.”

ULwesibili, Mashi 24, 2026

Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.

UMsombuluko, Mashi 23, 2026

Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.

ISonto, Mashi 22, 2026

Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.

UMgqibelo, Mashi 21, 2026

Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize.

ULwesihlanu, Mashi 20, 2026

Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono
kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.

ULwesine, Mashi 19, 2026

Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.

ULwesithathu, Mashi 18, 2026

Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

ULwesibili, Mashi 17, 2026

Ngihawukele, Nkulunkulu,
ngokomusa wakho;
yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
Ngigezisise ebubini bami,
ungihlanze esonweni sami.

UMsombuluko, Mashi 16, 2026

Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni.

ISonto, Mashi 15, 2026

Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.

UMgqibelo, Mashi 14, 2026

USomandla singemqonde;
mkhulu ngamandla nangokwahlulela;
ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.

ULwesihlanu, Mashi 13, 2026

Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.

ULwesine, Mashi 12, 2026

Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.

ULwesithathu, Mashi 11, 2026

Mayibongwe iNkosi.
Iyasithwala imihla ngemihla;
uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela

ULwesibili, Mashi 10, 2026

Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

UMsombuluko, Mashi 9, 2026

Kungcono ababili kunoyedwa,
ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.

ISonto, Mashi 8, 2026

Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,
kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.

UMgqibelo, Mashi 7, 2026

Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.

ULwesihlanu, Mashi 6, 2026

Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.

ULwesine, Mashi 5, 2026

Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo;
umphahla ngomusa njengesihlangu.

ULwesithathu, Mashi 4, 2026

Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?

ULwesibili, Mashi 3, 2026

Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.

UMsombuluko, Mashi 2, 2026

Uyakubuye asibekezelele,
anyathele phansi ububi bethu;
yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.

ISonto, Mashi 1, 2026

Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.