DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ephreli 2026

ULwesine, Ephreli 30, 2026

Abanye izinqola, abanye amahhashi,
kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.

ULwesithathu, Ephreli 29, 2026

Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.

ULwesibili, Ephreli 28, 2026

Ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.

UMsombuluko, Ephreli 27, 2026

Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;
ekupheleni uyakuma othulini.

ISonto, Ephreli 26, 2026

Owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono.

UMgqibelo, Ephreli 25, 2026

Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.

ULwesihlanu, Ephreli 24, 2026

Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;
ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.

ULwesine, Ephreli 23, 2026

Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.

ULwesithathu, Ephreli 22, 2026

Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

ULwesibili, Ephreli 21, 2026

Babusisiwe abalambele,
bomele ukulunga,
ngokuba bayakusuthiswa.

UMsombuluko, Ephreli 20, 2026

Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

ISonto, Ephreli 19, 2026

Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.

UMgqibelo, Ephreli 18, 2026

Bheka, kuhle, kumnandi kangaka
ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

ULwesine, Ephreli 16, 2026

Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.

ULwesithathu, Ephreli 15, 2026

Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga.

ULwesibili, Ephreli 14, 2026

Yenama ngosuku lwenhlanhla,
kepha ngosuku olubi qonda ukuthi
nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,
ukuze umuntu angafumani lutho
oluyakuba khona emva kwakhe.

UMsombuluko, Ephreli 13, 2026

Ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.

ISonto, Ephreli 12, 2026

Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade.

UMgqibelo, Ephreli 11, 2026

Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.

ULwesihlanu, Ephreli 10, 2026

Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.

ULwesine, Ephreli 9, 2026

Okuncane kanye nokulunga kungcono
kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.

ULwesithathu, Ephreli 8, 2026

Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade.

ULwesibili, Ephreli 7, 2026

Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

UMsombuluko, Ephreli 6, 2026

Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela,
uphephele phansi kwamaphiko akhe;
ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.

ISonto, Ephreli 5, 2026

Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.

UMgqibelo, Ephreli 4, 2026

Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.

ULwesihlanu, Ephreli 3, 2026

Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.

ULwesine, Ephreli 2, 2026

Kepha yazithwala izifo zethu,
yabetshatha ubuhlungu bethu,
kodwa thina sathi ijezisiwe,
ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.

ULwesithathu, Ephreli 1, 2026

Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.