ISonto, Meyi 31, 2026
Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.UMgqibelo, Meyi 30, 2026
Ngiyashesha,angilibali ukugcina imiyalo yakho.
ULwesihlanu, Meyi 29, 2026
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.ULwesine, Meyi 28, 2026
Esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.ULwesithathu, Meyi 27, 2026
Amehlo akho mawabheke phambili,nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho.
ULwesibili, Meyi 26, 2026
Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.UMsombuluko, Meyi 25, 2026
Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.ISonto, Meyi 24, 2026
Ngizwise umusa wakho ekuseni,ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.
UMgqibelo, Meyi 23, 2026
Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.ULwesihlanu, Meyi 22, 2026
Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.ULwesine, Meyi 21, 2026
Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakhoobamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.
ULwesithathu, Meyi 20, 2026
Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.ULwesibili, Meyi 19, 2026
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?UMsombuluko, Meyi 18, 2026
Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.
ISonto, Meyi 17, 2026
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.UMgqibelo, Meyi 16, 2026
Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.ULwesihlanu, Meyi 15, 2026
Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.”Amen. Woza, Nkosi Jesu!
ULwesine, Meyi 14, 2026
Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.ULwesithathu, Meyi 13, 2026
Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”ULwesibili, Meyi 12, 2026
Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.
UMsombuluko, Meyi 11, 2026
Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.ISonto, Meyi 10, 2026
Njengalokho aphuma esizalweni sikanina,uyakubuye amuke,
ahambe ze njengasekufikeni kwakhe,
engatholi lutho ngomshikashika wakhe,
ahambe nalo esandleni sakhe.
UMgqibelo, Meyi 9, 2026
Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
ULwesihlanu, Meyi 8, 2026
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.ULwesine, Meyi 7, 2026
Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.ULwesithathu, Meyi 6, 2026
Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yamimakuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami.
ULwesibili, Meyi 5, 2026
Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?UMsombuluko, Meyi 4, 2026
Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.ISonto, Meyi 3, 2026
Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe,kepha uJehova uyalinganisa imimoya.
UMgqibelo, Meyi 2, 2026
Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu; nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu.ULwesihlanu, Meyi 1, 2026
UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...