DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Juni 2026

ULwesibili, Juni 30, 2026

Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.

UMsombuluko, Juni 29, 2026

Ngokuba izwi likaJehova lilungile;
zonke izenzo zakhe ziyakholeka.

ISonto, Juni 28, 2026

Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.

UMgqibelo, Juni 27, 2026

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.

ULwesihlanu, Juni 26, 2026

Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,
kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.

ULwesine, Juni 25, 2026

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

ULwesithathu, Juni 24, 2026

Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”

ULwesibili, Juni 23, 2026

Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,
abamfuna ngenhliziyo yonke.

UMsombuluko, Juni 22, 2026

Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!

ISonto, Juni 21, 2026

Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

UMgqibelo, Juni 20, 2026

Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu,
ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova.
kepha abaqotho bayisifuba sakhe.

ULwesihlanu, Juni 19, 2026

Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke.

ULwesine, Juni 18, 2026

Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.

ULwesithathu, Juni 17, 2026

Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

ULwesibili, Juni 16, 2026

Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.

UMsombuluko, Juni 15, 2026

Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.

ISonto, Juni 14, 2026

UJehova uyaphofisa, abesecebisa;
uyathobisa, abesephakamisa.

UMgqibelo, Juni 13, 2026

Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho.

ULwesihlanu, Juni 12, 2026

Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na?

ULwesine, Juni 11, 2026

Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,
umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;
yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.

ULwesithathu, Juni 10, 2026

Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.

ULwesibili, Juni 9, 2026

Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni.

UMsombuluko, Juni 8, 2026

Ungagodleli abaninikho okuhle,
lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.

ISonto, Juni 7, 2026

Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”

UMgqibelo, Juni 6, 2026

Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.

ULwesihlanu, Juni 5, 2026

Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho,
ngokuba kukhona kwaphakade.
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami;
ngikhumbule ngokomusa
wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.

ULwesine, Juni 4, 2026

Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.

ULwesithathu, Juni 3, 2026

Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.

ULwesibili, Juni 2, 2026

Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.

UMsombuluko, Juni 1, 2026

Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.