DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Julayi 2026

ULwesihlanu, Julayi 31, 2026

Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.

ULwesine, Julayi 30, 2026

Ngokuba bheka, owabumba izintaba,
nowawudala umoya,
otshela umuntu umqondo wakhe,
owenza ukusa kube ngubumnyama,
onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,
igama lakhe linguJehova,
uNkulunkulu Sebawoti.

ULwesithathu, Julayi 29, 2026

Yeka, uma bengingathembanga ukubona
okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!

ULwesibili, Julayi 28, 2026

Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.

UMsombuluko, Julayi 27, 2026

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.

ISonto, Julayi 26, 2026

Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,
kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

UMgqibelo, Julayi 25, 2026

Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.

ULwesihlanu, Julayi 24, 2026

Nakhu ukuphela kwendaba,
lapho sekuzwakele konke:
Mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke.

ULwesine, Julayi 23, 2026

Umthetho kaJehova uphelele,
uvusa umphefumulo;
ukufakaza kukaJehova kuqinisile,
kuhlakaniphisa oyisiwula.

ULwesithathu, Julayi 22, 2026

Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.

ULwesibili, Julayi 21, 2026

Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.

UMsombuluko, Julayi 20, 2026

Onakekela izwi uyakufumana okuhle,
nowethembayo kuJehova ubusisiwe.

ISonto, Julayi 19, 2026

Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.

UMgqibelo, Julayi 18, 2026

Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.

ULwesihlanu, Julayi 17, 2026

Izindebe zami zizakujabula,
ngokuba ngizakukudumisa wena,
nomphefumulo wami owuhlengileyo.

ULwesine, Julayi 16, 2026

Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.

ULwesithathu, Julayi 15, 2026

Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.

ULwesibili, Julayi 14, 2026

Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku,
kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.

UMsombuluko, Julayi 13, 2026

Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.

ISonto, Julayi 12, 2026

Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

UMgqibelo, Julayi 11, 2026

Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;
mangingaphambuki emiyalweni yakho.

ULwesihlanu, Julayi 10, 2026

Futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.

ULwesine, Julayi 9, 2026

Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.

ULwesithathu, Julayi 8, 2026

“Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,
kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,
nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”
usho uJehova okuhawukelayo.

ULwesibili, Julayi 7, 2026

Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

UMsombuluko, Julayi 6, 2026

Wena Jehova umi phakade;
isihlalo sakho sobukhosi
sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.

ISonto, Julayi 5, 2026

Umusa wakho, Jehova,
mawube phezu kwethu,
njengalokhu sithemba wena.

UMgqibelo, Julayi 4, 2026

Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.

ULwesihlanu, Julayi 3, 2026

Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.

ULwesine, Julayi 2, 2026

Ukutshelile, muntu, okuhle;
uJehova ufunani kuwe,
kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

ULwesithathu, Julayi 1, 2026

Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.