DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Agasti 2026

UMsombuluko, Agasti 31, 2026

Usiphe namuhla isinkwa sethu
semihla ngemihla.

ISonto, Agasti 30, 2026

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.

UMgqibelo, Agasti 29, 2026

Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.

ULwesihlanu, Agasti 28, 2026

Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,
ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;
ngilindela wena usuku lonke.

ULwesine, Agasti 27, 2026

Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade.

ULwesithathu, Agasti 26, 2026

UMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu,
nehlane liphenduke insimu,
nensimu ithiwe ihlathi.

ULwesibili, Agasti 25, 2026

“Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”

UMsombuluko, Agasti 24, 2026

Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.

ISonto, Agasti 23, 2026

Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.

UMgqibelo, Agasti 22, 2026

Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;
izindebe zami ziyakukudumisa.
Ngiyakukubonga ngisaphila;
ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

ULwesihlanu, Agasti 21, 2026

UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.

ULwesine, Agasti 20, 2026

NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.

ULwesithathu, Agasti 19, 2026

Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova,
kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe.

UMsombuluko, Agasti 17, 2026

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.

ISonto, Agasti 16, 2026

Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;
angiyikunyakaziswa kakhulu.

UMgqibelo, Agasti 15, 2026

Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.

ULwesihlanu, Agasti 14, 2026

Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.

ULwesine, Agasti 13, 2026

Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;
injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

ULwesibili, Agasti 11, 2026

Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.

UMsombuluko, Agasti 10, 2026

Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;
umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.

ISonto, Agasti 9, 2026

UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

UMgqibelo, Agasti 8, 2026

Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

ULwesihlanu, Agasti 7, 2026

“Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo
ukuze ngingamboni na?” usho uJehova.
“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.

ULwesine, Agasti 6, 2026

Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.

ULwesithathu, Agasti 5, 2026

Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.

ULwesibili, Agasti 4, 2026

Mphefumulo wami,
zithulisele kuNkulunkulu kuphela,
ngokuba ithemba lami livela kuye.

UMsombuluko, Agasti 3, 2026

Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu.

ISonto, Agasti 2, 2026

Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.

UMgqibelo, Agasti 1, 2026

Noze niguge, nginguye,
yebo, noze nibe yizimpunga,
ngiyakunithwala;
ngikwenzile lokhu,
futhi ngiyakunetshatha,
yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.