DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Septhemba 2026

ULwesithathu, Septhemba 30, 2026

Lapho kungekho khona ukululekana,
amasu ayachitheka,
kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.

ULwesibili, Septhemba 29, 2026

Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

UMsombuluko, Septhemba 28, 2026

Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.

ISonto, Septhemba 27, 2026

Bongani uJehova, nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.

UMgqibelo, Septhemba 26, 2026

Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

ULwesihlanu, Septhemba 25, 2026

Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”

ULwesine, Septhemba 24, 2026

Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

ULwesithathu, Septhemba 23, 2026

Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.

ULwesibili, Septhemba 22, 2026

Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.

UMsombuluko, Septhemba 21, 2026

UJehova uyinqaba yocindezelweyo,
uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.

ISonto, Septhemba 20, 2026

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo.

UMgqibelo, Septhemba 19, 2026

Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

ULwesihlanu, Septhemba 18, 2026

Ungakhandlekeli ukuceba;
kuyeke ngokuqonda kwakho.

ULwesine, Septhemba 17, 2026

Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.

ULwesithathu, Septhemba 16, 2026

Ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”

ULwesibili, Septhemba 15, 2026

Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;
ngisindise ngomusa wakho.

UMsombuluko, Septhemba 14, 2026

Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.

ISonto, Septhemba 13, 2026

Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.

UMgqibelo, Septhemba 12, 2026

Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.

ULwesihlanu, Septhemba 11, 2026

Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.

ULwesine, Septhemba 10, 2026

Namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu.

ULwesithathu, Septhemba 9, 2026

Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,
uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.

ULwesibili, Septhemba 8, 2026

Akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa.

UMsombuluko, Septhemba 7, 2026

Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.

ISonto, Septhemba 6, 2026

Nguye omupha oyethileyo amandla,
nakongenamandla uyandisa izikhwepha.

UMgqibelo, Septhemba 5, 2026

Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

ULwesihlanu, Septhemba 4, 2026

Ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena.

ULwesine, Septhemba 3, 2026

Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,
ngethabele umusa wakho ekuseni,
ngokuba uyinqaba yami,
nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

ULwesithathu, Septhemba 2, 2026

Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

ULwesibili, Septhemba 1, 2026

Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.