ULwesithathu, Okthoba 21, 2026
Ngiyathanda ukwenza intando yakho,Nkulunkulu wami,
nomthetho wakho usenhliziyweni yami.
ULwesibili, Okthoba 20, 2026
Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.UMsombuluko, Okthoba 19, 2026
Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.ISonto, Okthoba 18, 2026
Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,ukuze kuqiniswe amasu akho.
UMgqibelo, Okthoba 17, 2026
Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe.ULwesihlanu, Okthoba 16, 2026
Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.ULwesine, Okthoba 15, 2026
Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.ULwesithathu, Okthoba 14, 2026
Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.ULwesibili, Okthoba 13, 2026
Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.UMsombuluko, Okthoba 12, 2026
Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.ISonto, Okthoba 11, 2026
UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.UMgqibelo, Okthoba 10, 2026
UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.ULwesihlanu, Okthoba 9, 2026
Nomusa ungowakho, Nkosi;ngokuba wena umphindisela umuntu
njengokwenza kwakhe.
ULwesine, Okthoba 8, 2026
Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”ULwesithathu, Okthoba 7, 2026
Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?ULwesibili, Okthoba 6, 2026
Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.
UMsombuluko, Okthoba 5, 2026
Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.ISonto, Okthoba 4, 2026
Kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.UMgqibelo, Okthoba 3, 2026
Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho,kungabi sekuhaheni.
ULwesihlanu, Okthoba 2, 2026
Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.ULwesine, Okthoba 1, 2026
Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngiyathanda ukwenza intando yakho,Nkulunkulu wami,
nomthetho wakho usenhliziyweni yami.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Olandela ukulunga nomusauyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.Ivesi elilandelayo