DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Novemba 2026

ULwesine, Novemba 19, 2026

Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.

ULwesithathu, Novemba 18, 2026

Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.

ULwesibili, Novemba 17, 2026

Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.

UMsombuluko, Novemba 16, 2026

Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.

ISonto, Novemba 15, 2026

Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.

UMgqibelo, Novemba 14, 2026

Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;
okulondolozayo akayikozela.

ULwesine, Novemba 12, 2026

Masiphenye, sicinge izindlela zethu,
sibuyele kuJehova.

ULwesithathu, Novemba 11, 2026

Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa,
kepha izwi elihle liyayithokozisa.

ULwesibili, Novemba 10, 2026

Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.

UMsombuluko, Novemba 9, 2026

Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle.

ISonto, Novemba 8, 2026

Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami;
anginakho okuhle ngaphandle kwakho.”

UMgqibelo, Novemba 7, 2026

Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.

ULwesihlanu, Novemba 6, 2026

Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

ULwesine, Novemba 5, 2026

Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,
kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.

ULwesithathu, Novemba 4, 2026

Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?

ULwesibili, Novemba 3, 2026

Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.

UMsombuluko, Novemba 2, 2026

Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,
uqonda umcabango wami ukude.

ISonto, Novemba 1, 2026

Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.”