- Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,
ngenxa yenkazimulo yegama lakho;
usikhulule, usithethelele izono zethu
ngenxa yegama lakho. - Mayibongwe iNkosi.
Iyasithwala imihla ngemihla;
uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela - Njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
- NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
- Izikhathi zami zisesandleni sakho;
ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo. - Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,
ngigcwalise engikuthembisileyo.
Ukusindiswa kukuye uJehova. - Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. - INkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe.
- Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.
- Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;
hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.
Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;
siyanibusisa sisendlini kaJehova. - Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?
- Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;
ngisindise ngomusa wakho. - Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
- Namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu.
- “Bayakuba ngabami,” usho uJehova Sebawoti, “babe yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.”
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukuphila okungunaphakade
Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze...