DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Januwari 2015)

UMgqibelo, Januwari 31, 2015

“Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”

ULwesihlanu, Januwari 30, 2015

Ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi; uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni.

ULwesine, Januwari 29, 2015

UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;
uyakulonda umphefumulo wakho.
UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

ULwesithathu, Januwari 28, 2015

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

ULwesibili, Januwari 27, 2015

Vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi.

ISonto, Januwari 25, 2015

Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu.

UMgqibelo, Januwari 24, 2015

Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.

ULwesihlanu, Januwari 23, 2015

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.

ULwesine, Januwari 22, 2015

Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.

ULwesithathu, Januwari 21, 2015

Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho,
ngokuba ungiphilisile ngazo.

ULwesibili, Januwari 20, 2015

Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

UMsombuluko, Januwari 19, 2015

Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova
uyingcebo, nodumo, nokuphila.

ISonto, Januwari 18, 2015

Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.

UMgqibelo, Januwari 17, 2015

Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.

ULwesihlanu, Januwari 16, 2015

UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.

ULwesine, Januwari 15, 2015

Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile,
nanjengomlindo ebusuku.

ULwesithathu, Januwari 14, 2015

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

ULwesibili, Januwari 13, 2015

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

UMsombuluko, Januwari 12, 2015

Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

ISonto, Januwari 11, 2015

Kungakaveli izintaba,
ungakawenzi umhlaba nezwe,
kuthi kusukela phakade kuze kube phakade
wena Nkulunkulu ukhona.

UMgqibelo, Januwari 10, 2015

Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”

ULwesihlanu, Januwari 9, 2015

Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,
nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.
Usuku luyalandisa usuku inkulumo,
nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.

ULwesine, Januwari 8, 2015

UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.

ULwesithathu, Januwari 7, 2015

Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.

ULwesibili, Januwari 6, 2015

Ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo.

UMsombuluko, Januwari 5, 2015

Nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.

ISonto, Januwari 4, 2015

Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,
kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.

UMgqibelo, Januwari 3, 2015

Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.

ULwesihlanu, Januwari 2, 2015

Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.

ULwesine, Januwari 1, 2015

Makakunike njengokwenhliziyo yakho,
afeze icebo lakho lonke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela