Amavesi EBhayibheli ngobubi
- Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.
- UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;
uyakulonda umphefumulo wakho.
UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade. - Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
- Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo.
- Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.
- Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”
- Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;
ukuzidla, nokuzikhukhumeza,
nendlela embi,
nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda. - Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.
- Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
- Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.
- Vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi.
- Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uJehova, udede ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. - Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.
- Nina enithanda uJehova zondani okubi;
uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;
uyabasindisa ezandleni zababi. - Deda kukho okubi, wenze okuhle;
funa ukuthula, ukujonge. - Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.
- Inzondo iyabanga ukuxabana,
kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke. - INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
- Gezani, nihlanzeke,
nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,
niyeke ukwenza okubi. - Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;
makungangibusi nobubodwa ububi. - Ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen. - Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.
- Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
- Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi
ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
USathane
Qondani, nilinde. Isitha senu...
Okuhle
Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Izithombe ezibaziweyo
Bantwanyana, zilindeni ezithombeni...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngikhala kuwe Jehovangisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Lapho kufika ukuziqhenya,kufika nehlazo;
kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.Ivesi elilandelayo