- Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
- Ukuba ngize kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani.
- Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
- Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
- Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.
- Ndodana yami, lalela amazwi ami,
ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
Makungachezuki emehlweni akho,
ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho. - Ngiyashesha,
angilibali ukugcina imiyalo yakho. - Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.
- Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.
- Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;
uyayithanda indlela yakhe. - NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, ningcwelise amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
- Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
- Owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
- Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
- Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.
- ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.
- Yizwa, ndodana yami,
wamukele izwi lami;
kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi. - Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.
- Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”
- Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka. Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.
- Esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.
- Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.
- Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli.
- Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze, ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.
- Kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Ukulandela
Niyakuhamba njalo endleleni uJehova...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;ukububula kwami akufihlekile kuwe.