- Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
- Ukuba ngize kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani.
- Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
- Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
- Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.
- Ndodana yami, lalela amazwi ami,
ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
Makungachezuki emehlweni akho,
ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho. - Ngiyashesha,
angilibali ukugcina imiyalo yakho. - Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.
- Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.
- Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;
uyayithanda indlela yakhe. - Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
- Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
- Owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
- NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, ningcwelise amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
- Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.
- ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.
- Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.
- Yizwa, ndodana yami,
wamukele izwi lami;
kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi. - Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”
- Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka. Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.
- Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli.
- Esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.
- Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze, ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.
- Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.
- Kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Ukulandela
Niyakuhamba njalo endleleni uJehova...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
IZwi likaNkulunkulu
Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.Ivesi elilandelayo
