- ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi:
‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’ - Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
- Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
- Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu,
ohlala kuze kube phakade,
ogama lakhe lingoNgcwele, uthi:
“Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele,
kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo,
ukuvuselela umoya wabathobekileyo
nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.” - Yizwa, ndodana yami,
wamukele izwi lami;
kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi. - Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:
“Ngifuneni, niphile.” - Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.
- Ngifundise, Jehova, indlela yakho;
ngiyakuhamba eqinisweni lakho;
yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,
yesabe igama lakho. - Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,
izwe nabakhileyo kulo. - Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.
- UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
akakho kwabamethembayo oyakuba necala. - Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.
- Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu; kanti-ke ukuhlala enyameni kuswelekile kakhulu ngenxa yenu.
- Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.
- Nakhu ukuphela kwendaba,
lapho sekuzwakele konke:
Mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke. - Babusisiwe abaqotho endleleni,
abahamba ngemithetho kaJehova. - Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.
- Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa; wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.
- Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo.
- Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya.
- Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa.
- Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.
- Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.
- Ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.
- Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
Izihloko ezihlobene
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.Ivesi elilandelayo
