- Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.
- Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
- ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi:
‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’ - Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:
“Ngifuneni, niphile.” - Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu,
ohlala kuze kube phakade,
ogama lakhe lingoNgcwele, uthi:
“Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele,
kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo,
ukuvuselela umoya wabathobekileyo
nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.” - Ngifundise, Jehova, indlela yakho;
ngiyakuhamba eqinisweni lakho;
yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,
yesabe igama lakho. - Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.
- Yizwa, ndodana yami,
wamukele izwi lami;
kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi. - UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
akakho kwabamethembayo oyakuba necala. - Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,
izwe nabakhileyo kulo. - Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.
- Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.
- Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.
- Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu; kanti-ke ukuhlala enyameni kuswelekile kakhulu ngenxa yenu.
- UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.” UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.
- Nakhu ukuphela kwendaba,
lapho sekuzwakele konke:
Mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke. - Babusisiwe abaqotho endleleni,
abahamba ngemithetho kaJehova. - Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo.
- Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya.
- Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa; wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.
- Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.
- Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.
- Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,
awuqotho phakathi kwakhe,
kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe. - Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.
- Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa.
Izihloko ezihlobene
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yamiukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.Ivesi elilandelayo
