- Ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.
- Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.
- Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
- Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
- Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”
- Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile,
nanjengomlindo ebusuku. - Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.
- Nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala.
- Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?
- Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.
- Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa.
- Omubi makashiye indlela yakhe,
nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,
abuyele kuJehova,
uyakuba nomusa kuye,
yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,
ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. - Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.
- Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;
ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona. - Njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.
- Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.
- Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.
- UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”
- UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu.”
- Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni.
- Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.
- Masiphenye, sicinge izindlela zethu,
sibuyele kuJehova. - Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.
- Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.
- Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya.
Izihloko ezihlobene
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.Ivesi elilandelayo
