- Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.
- Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?
- Ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.
- Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.
- Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho,
ngokuba ungiphilisile ngazo. - Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.
- Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke.
- Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.
- Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
- Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa. - Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
- Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
- Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
- UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
- Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.
- Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?
- Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,
kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa. - Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.
- Nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.
- Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.
- Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
- Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”
- Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.
- Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama.
- Futhi khumbula uMdali wakho
emihleni yobusha bakho,
zingakafiki izinsuku ezimbi,
ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi:
“Angithokozi ngayo.”
Izihloko ezihlobene
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Olandela ukulunga nomusauyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.Ivesi elilandelayo
