DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Septhemba 2014)

ULwesibili, Septhemba 30, 2014

Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.

UMsombuluko, Septhemba 29, 2014

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

ISonto, Septhemba 28, 2014

UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

UMgqibelo, Septhemba 27, 2014

INkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina.

ULwesihlanu, Septhemba 26, 2014

Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

ULwesine, Septhemba 25, 2014

Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.

ULwesithathu, Septhemba 24, 2014

Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.

ULwesibili, Septhemba 23, 2014

Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.

UMsombuluko, Septhemba 22, 2014

Wena uyindawo yami yokucasha;
uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela

ISonto, Septhemba 21, 2014

Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama.

UMgqibelo, Septhemba 20, 2014

Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

ULwesihlanu, Septhemba 19, 2014

Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi.

ULwesine, Septhemba 18, 2014

Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,
nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.

ULwesithathu, Septhemba 17, 2014

Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.

ULwesibili, Septhemba 16, 2014

Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;
umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.

UMsombuluko, Septhemba 15, 2014

Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,
kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.

ISonto, Septhemba 14, 2014

Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.

UMgqibelo, Septhemba 13, 2014

Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.

ULwesihlanu, Septhemba 12, 2014

Impela okuhle nomusa kuyakungilandela
imihla yonke yokuphila kwami;
ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

ULwesine, Septhemba 11, 2014

Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;
makungangibusi nobubodwa ububi.

ULwesithathu, Septhemba 10, 2014

Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.

ULwesibili, Septhemba 9, 2014

Ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.

UMsombuluko, Septhemba 8, 2014

Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo,
kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.

ISonto, Septhemba 7, 2014

UJehova unobubele nesihawu;
wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

UMgqibelo, Septhemba 6, 2014

Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.

ULwesihlanu, Septhemba 5, 2014

Ndodana yami,
ungadeleli ukulaya kukaJehova,
ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo,
njengoyise indodana ayithandayo.

ULwesine, Septhemba 4, 2014

Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.

ULwesithathu, Septhemba 3, 2014

Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;
ngisindise ngomusa wakho.

ULwesibili, Septhemba 2, 2014

Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

UMsombuluko, Septhemba 1, 2014

Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela