DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Okthoba 2014)

ULwesihlanu, Okthoba 31, 2014

Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:
“Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso,
nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”

ULwesine, Okthoba 30, 2014

Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

ULwesithathu, Okthoba 29, 2014

Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

ULwesibili, Okthoba 28, 2014

Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.

UMsombuluko, Okthoba 27, 2014

Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”

ISonto, Okthoba 26, 2014

Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,
uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.

UMgqibelo, Okthoba 25, 2014

Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

ULwesihlanu, Okthoba 24, 2014

Kuyakuthi yilowo nalowo
obiza igama leNkosi uyakusindiswa.

ULwesine, Okthoba 23, 2014

Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.

ULwesithathu, Okthoba 22, 2014

Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade.

ULwesibili, Okthoba 21, 2014

Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti;
ukhanyise ubuso bakho,
khona siyakusindiswa.

UMsombuluko, Okthoba 20, 2014

Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.

ISonto, Okthoba 19, 2014

Vula umlomo wakho,
wahlulele ngokulunga,
umele abahluphekayo nabampofu.

UMgqibelo, Okthoba 18, 2014

ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

ULwesihlanu, Okthoba 17, 2014

Insindiso ingekaJehova;
isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela

ULwesine, Okthoba 16, 2014

Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.

ULwesithathu, Okthoba 15, 2014

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”

ULwesibili, Okthoba 14, 2014

Ingcebo yobubi ayisizi lutho,
kepha ukulunga kophula ekufeni.

UMsombuluko, Okthoba 13, 2014

Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono.

ISonto, Okthoba 12, 2014

Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.

UMgqibelo, Okthoba 11, 2014

Ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”

ULwesihlanu, Okthoba 10, 2014

Ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.

ULwesine, Okthoba 9, 2014

Nginobani ezulwini na?
Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

ULwesithathu, Okthoba 8, 2014

Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.

ULwesibili, Okthoba 7, 2014

Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.

UMsombuluko, Okthoba 6, 2014

Dumisa uJehova ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.

ISonto, Okthoba 5, 2014

Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.

UMgqibelo, Okthoba 4, 2014

Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”

ULwesihlanu, Okthoba 3, 2014

Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;
izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

ULwesine, Okthoba 2, 2014

Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.

ULwesithathu, Okthoba 1, 2014

Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela