ISonto, Novemba 30, 2014
Kepha abamethembayo uJehovabayathola amandla amasha,
bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla.
UMgqibelo, Novemba 29, 2014
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.ULwesihlanu, Novemba 28, 2014
Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba,kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu,
nemicabango yami kunemicabango yenu.
ULwesine, Novemba 27, 2014
Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?ULwesithathu, Novemba 26, 2014
Ngokuba ongifumanayo,ufumana ukuphila,
azuze umusa kuJehova.
ULwesibili, Novemba 25, 2014
Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.UMsombuluko, Novemba 24, 2014
Ngiyakuthanda, Jehova,mandla ami.
Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo.
ISonto, Novemba 23, 2014
Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula.UMgqibelo, Novemba 22, 2014
Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.ULwesihlanu, Novemba 21, 2014
Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.ULwesine, Novemba 20, 2014
Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.ULwesithathu, Novemba 19, 2014
Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.ULwesibili, Novemba 18, 2014
Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,ngethabele umusa wakho ekuseni,
ngokuba uyinqaba yami,
nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.
UMsombuluko, Novemba 17, 2014
UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.ISonto, Novemba 16, 2014
Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.UMgqibelo, Novemba 15, 2014
Nina enithanda uJehova zondani okubi;uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;
uyabasindisa ezandleni zababi.
ULwesihlanu, Novemba 14, 2014
Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.ULwesine, Novemba 13, 2014
Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.ULwesithathu, Novemba 12, 2014
Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.ULwesibili, Novemba 11, 2014
Uthanda ukulunga nokwahlulela;umhlaba ugcwele umusa kaJehova.
UMsombuluko, Novemba 10, 2014
Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu.ISonto, Novemba 9, 2014
Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.UMgqibelo, Novemba 8, 2014
Fundani ukwenza okuhle,nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi.
ULwesihlanu, Novemba 7, 2014
Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, nibambelele ezwini lokuphila.ULwesine, Novemba 6, 2014
Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe.ULwesithathu, Novemba 5, 2014
Gezani, nihlanzeke,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,
niyeke ukwenza okubi.
ULwesibili, Novemba 4, 2014
Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.UMsombuluko, Novemba 3, 2014
Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.ISonto, Novemba 2, 2014
Jehova, unguNkulunkulu wami;ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.
UMgqibelo, Novemba 1, 2014
Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.