DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Agasti 2024)

UMgqibelo, Agasti 31, 2024

Kuyakuthi yilowo nalowo
obiza igama leNkosi uyakusindiswa.

ULwesihlanu, Agasti 30, 2024

Kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.

ULwesine, Agasti 29, 2024

Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.

ULwesithathu, Agasti 28, 2024

Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.

ULwesibili, Agasti 27, 2024

Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.

UMsombuluko, Agasti 26, 2024

Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini;
wenza konke akuthandayo.

ISonto, Agasti 25, 2024

UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.

UMgqibelo, Agasti 24, 2024

Thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.

ULwesihlanu, Agasti 23, 2024

Isihhe neqiniso makungakushiyi;
kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.

ULwesine, Agasti 22, 2024

Aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.

ULwesithathu, Agasti 21, 2024

Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.

ULwesibili, Agasti 20, 2024

Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,
umusa wakhe uba ngowokuphila konke;
kusihlwa kungena ukukhala,
ekuseni ukujabula.

UMsombuluko, Agasti 19, 2024

Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.

ISonto, Agasti 18, 2024

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

UMgqibelo, Agasti 17, 2024

Ngesulile iziphambeko zakho njengefu,
nezono zakho njengemilaza;
buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.

ULwesihlanu, Agasti 16, 2024

Ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.

ULwesine, Agasti 15, 2024

Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi.

ULwesithathu, Agasti 14, 2024

Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,
unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.

ULwesibili, Agasti 13, 2024

Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?

UMsombuluko, Agasti 12, 2024

Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.

ISonto, Agasti 11, 2024

Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi,
kepha abaluleka ukuthula,
kubona kukhona intokozo.

UMgqibelo, Agasti 10, 2024

Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.

ULwesihlanu, Agasti 9, 2024

Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.”

ULwesine, Agasti 8, 2024

Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,
udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.

ULwesithathu, Agasti 7, 2024

Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.

ULwesibili, Agasti 6, 2024

Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni.

UMsombuluko, Agasti 5, 2024

Gezani, nihlanzeke,
nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,
niyeke ukwenza okubi.

ISonto, Agasti 4, 2024

Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

UMgqibelo, Agasti 3, 2024

Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu.

ULwesihlanu, Agasti 2, 2024

Ngamfuna uJehova, wangiphendula;
wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

ULwesine, Agasti 1, 2024

Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,
nina nonke enithemba uJehova.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;
insindiso yami ivela kuye.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela