DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2014)

ULwesihlanu, Februwari 28, 2014

Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga.

ULwesine, Februwari 27, 2014

Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.

ULwesithathu, Februwari 26, 2014

Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,
abamfuna ngenhliziyo yonke.

ULwesibili, Februwari 25, 2014

Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

UMsombuluko, Februwari 24, 2014

Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu.

ISonto, Februwari 23, 2014

Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.

UMgqibelo, Februwari 22, 2014

Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.

ULwesihlanu, Februwari 21, 2014

Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.

ULwesine, Februwari 20, 2014

Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.

ULwesithathu, Februwari 19, 2014

Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.

ULwesibili, Februwari 18, 2014

Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.

UMsombuluko, Februwari 17, 2014

Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.

ISonto, Februwari 16, 2014

Ngihawukele, Nkulunkulu,
ngokomusa wakho;
yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
Ngigezisise ebubini bami,
ungihlanze esonweni sami.

UMgqibelo, Februwari 15, 2014

Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,
kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.

ULwesihlanu, Februwari 14, 2014

Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.

ULwesine, Februwari 13, 2014

Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.

ULwesithathu, Februwari 12, 2014

Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.

ULwesibili, Februwari 11, 2014

Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho
luhle kunezinye eziyizinkulungwane.
Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami
kunokuhlala ematendeni ababi.

UMsombuluko, Februwari 10, 2014

Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.
Haleluya!

ISonto, Februwari 9, 2014

Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.

UMgqibelo, Februwari 8, 2014

Ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.

ULwesihlanu, Februwari 7, 2014

Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,
ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.

ULwesine, Februwari 6, 2014

Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye.

ULwesithathu, Februwari 5, 2014

Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo.

ULwesibili, Februwari 4, 2014

Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?

UMsombuluko, Februwari 3, 2014

Yini ukuba udangale,
mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.

ISonto, Februwari 2, 2014

Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;
ukuthobeka kuyandulela udumo.

UMgqibelo, Februwari 1, 2014

Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade,
ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,
kepha olungileyo uyaphana engancishi.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela