DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Julayi 2014)

ULwesine, Julayi 31, 2014

Ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena.

ULwesithathu, Julayi 30, 2014

Yeka ubukhulu bomusa wakho
obagodlele wona abakwesabayo,
owenzele bona ababalekela kuwe,
phambi kwabantwana babantu.

ULwesibili, Julayi 29, 2014

Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.

UMsombuluko, Julayi 28, 2014

Ndodana yami,
gcina umyalo kayihlo,
ungawushiyi umthetho kanyoko.

ISonto, Julayi 27, 2014

Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso.

UMgqibelo, Julayi 26, 2014

Ofumana umfazi uthola okuhle;
uzuzile isisa kuJehova.

ULwesihlanu, Julayi 25, 2014

Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

ULwesine, Julayi 24, 2014

Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade.

ULwesithathu, Julayi 23, 2014

Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?

ULwesibili, Julayi 22, 2014

Izibusiso zisekhanda lolungileyo,
kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.

UMsombuluko, Julayi 21, 2014

Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,
akabashiyi abangcwele bakhe;
bayalondolozwa kuze kube phakade,
kepha inzalo yababi iyachithwa.

ISonto, Julayi 20, 2014

Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.

UMgqibelo, Julayi 19, 2014

Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

ULwesihlanu, Julayi 18, 2014

Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,
kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.

ULwesine, Julayi 17, 2014

Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.

ULwesithathu, Julayi 16, 2014

Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami,
kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
ngokuba iyakwenezela kuwe
ubude bezinsuku,
neminyaka yokuphila, nokuthula.

ULwesibili, Julayi 15, 2014

Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.

UMsombuluko, Julayi 14, 2014

Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu.

ISonto, Julayi 13, 2014

Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo,
kepha incithakalo ikubenzi bokona.

UMgqibelo, Julayi 12, 2014

Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.

ULwesihlanu, Julayi 11, 2014

Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.

ULwesine, Julayi 10, 2014

Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.

ULwesithathu, Julayi 9, 2014

Nguye omupha oyethileyo amandla,
nakongenamandla uyandisa izikhwepha.

ULwesibili, Julayi 8, 2014

Sivulele isimungulu umlomo wakho,
umele bonke abantwana abayizintandane.

ISonto, Julayi 6, 2014

UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.

UMgqibelo, Julayi 5, 2014

Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.

ULwesihlanu, Julayi 4, 2014

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.

ULwesine, Julayi 3, 2014

Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

ULwesithathu, Julayi 2, 2014

Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;
okulondolozayo akayikozela.

ULwesibili, Julayi 1, 2014

KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.

Amavesi eBhayibheli osuku

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela