DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Juni 2014)

UMsombuluko, Juni 30, 2014

Ngizwise umusa wakho ekuseni,
ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.

ISonto, Juni 29, 2014

UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”

UMgqibelo, Juni 28, 2014

Themba kuJehova,
wenze okulungileyo;
hlala ezweni, uzondle ngokukholeka.

ULwesihlanu, Juni 27, 2014

Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.

ULwesine, Juni 26, 2014

UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.”

ULwesithathu, Juni 25, 2014

Ukwesaba abantu kubeka ugibe,
kepha owethemba uJehova uyalondeka.

ULwesibili, Juni 24, 2014

Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.

UMsombuluko, Juni 23, 2014

Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?
Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:
mina Jehova engingowokuqala
nenginguye nakwabokuphela.

ISonto, Juni 22, 2014

Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile,
kepha igama lababi liyabola.

UMgqibelo, Juni 21, 2014

Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”

ULwesihlanu, Juni 20, 2014

Okuncane anakho olungileyo kungcono
kunemfuyo yababi abaningi.
Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,
kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.

ULwesine, Juni 19, 2014

Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.

ULwesithathu, Juni 18, 2014

Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.

ULwesibili, Juni 17, 2014

Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.

UMsombuluko, Juni 16, 2014

Ngalokho uJehova uyakulindela
ukuba abe nomusa kini;
nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,
ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;
babusisiwe bonke abamhlalelayo.

ISonto, Juni 15, 2014

Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

UMgqibelo, Juni 14, 2014

UJehova uyakufeza okwami;
Jehova, umusa wakho umi phakade;
ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

ULwesihlanu, Juni 13, 2014

UJehova makakubusise, akulondoloze;
uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula.

ULwesine, Juni 12, 2014

Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho
obamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.

ULwesithathu, Juni 11, 2014

Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;
yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.

ULwesibili, Juni 10, 2014

UNkulunkulu uyasibusisa;
imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.

UMsombuluko, Juni 9, 2014

Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.

ISonto, Juni 8, 2014

Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

UMgqibelo, Juni 7, 2014

Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.

ULwesihlanu, Juni 6, 2014

Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.

ULwesine, Juni 5, 2014

Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo.

ULwesithathu, Juni 4, 2014

Nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.

ULwesibili, Juni 3, 2014

Ngikhethile indlela yeqiniso;
izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.

UMsombuluko, Juni 2, 2014

Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.

ISonto, Juni 1, 2014

Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,
nomncethezi wahlukanisa abahlobo.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela