DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Novemba 2025

ISonto, Novemba 30, 2025

Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo;
ingqondo yababi iyinto encane.

UMgqibelo, Novemba 29, 2025

UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.

ULwesihlanu, Novemba 28, 2025

Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.

ULwesine, Novemba 27, 2025

Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,
esekela izindaba zakhe ngokulunga.

ULwesithathu, Novemba 26, 2025

Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”

ULwesibili, Novemba 25, 2025

UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.

UMsombuluko, Novemba 24, 2025

Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula,
inkulumo yami ichiche njengamazolo,
njengomkhizo ohlazeni,
nanjengezihlambi etshanini.

ISonto, Novemba 23, 2025

Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.

UMgqibelo, Novemba 22, 2025

Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.

ULwesihlanu, Novemba 21, 2025

UJehova ungakimi, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?

ULwesine, Novemba 20, 2025

Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.

ULwesithathu, Novemba 19, 2025

Ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe.

ULwesibili, Novemba 18, 2025

Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

UMsombuluko, Novemba 17, 2025

Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.

ISonto, Novemba 16, 2025

Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.

UMgqibelo, Novemba 15, 2025

Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;
uyayithanda indlela yakhe.

ULwesihlanu, Novemba 14, 2025

Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo.

ULwesine, Novemba 13, 2025

Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.

ULwesithathu, Novemba 12, 2025

Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,
futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.

ULwesibili, Novemba 11, 2025

Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.

UMsombuluko, Novemba 10, 2025

Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”

ISonto, Novemba 9, 2025

Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,
nalo udumo lwakho usuku lonke.

UMgqibelo, Novemba 8, 2025

Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.

ULwesihlanu, Novemba 7, 2025

Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”

ULwesine, Novemba 6, 2025

Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo.

ULwesithathu, Novemba 5, 2025

Ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.

ULwesibili, Novemba 4, 2025

Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.

UMsombuluko, Novemba 3, 2025

Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;
siyakwethaba, sithokoze ngalo.

ISonto, Novemba 2, 2025

Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.

UMgqibelo, Novemba 1, 2025

Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.