DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Okthoba 2025

ULwesihlanu, Okthoba 31, 2025

Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:
Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.

ULwesine, Okthoba 30, 2025

Ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.

ULwesithathu, Okthoba 29, 2025

Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

ULwesibili, Okthoba 28, 2025

Usithethelele amacala ethu,
njengalokhu nathi sibathethelela
abanecala kithi.

UMsombuluko, Okthoba 27, 2025

Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.

ISonto, Okthoba 26, 2025

Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

UMgqibelo, Okthoba 25, 2025

Ngiyalindela uJehova,
umphefumulo wami uyalinda;
ngiyalethemba izwi lakhe.

ULwesihlanu, Okthoba 24, 2025

Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.

ULwesine, Okthoba 23, 2025

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

ULwesithathu, Okthoba 22, 2025

Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.

ULwesibili, Okthoba 21, 2025

Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.

UMsombuluko, Okthoba 20, 2025

Ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.

ISonto, Okthoba 19, 2025

Ngizakucambalala ngokuthula,
ngilale ubuthongo,
ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.

UMgqibelo, Okthoba 18, 2025

Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

ULwesihlanu, Okthoba 17, 2025

Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”

ULwesine, Okthoba 16, 2025

Ukulunga kuyaphakamisa isizwe,
kepha ukona kuyihlazo kubantu.

ULwesithathu, Okthoba 15, 2025

Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu.

ULwesibili, Okthoba 14, 2025

Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”

UMsombuluko, Okthoba 13, 2025

KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;
ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;
inyama ingangenzani na?

ISonto, Okthoba 12, 2025

Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

UMgqibelo, Okthoba 11, 2025

Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.

ULwesihlanu, Okthoba 10, 2025

Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;
uyisihlangu kwabaphephela kuye.

ULwesine, Okthoba 9, 2025

Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze, ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.

ULwesithathu, Okthoba 8, 2025

Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.

ULwesibili, Okthoba 7, 2025

Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;
insindiso yami ivela kuye.

UMsombuluko, Okthoba 6, 2025

Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.

ISonto, Okthoba 5, 2025

Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.

UMgqibelo, Okthoba 4, 2025

Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.

ULwesihlanu, Okthoba 3, 2025

Ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.

ULwesine, Okthoba 2, 2025

Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?

ULwesithathu, Okthoba 1, 2025

Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti;
ukhanyise ubuso bakho,
khona siyakusindiswa.