ULwesibili, Septhemba 23, 2025
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.UMsombuluko, Septhemba 22, 2025
UJehova uyisabelo sami,usho umphefumulo wami;
ngakho ngiyakwethemba kuye.
ISonto, Septhemba 21, 2025
Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.UMgqibelo, Septhemba 20, 2025
Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”ULwesihlanu, Septhemba 19, 2025
Umuntu uyini ukuba umkhumbule,nendodana yomuntu ukuba uyinake na?
ULwesine, Septhemba 18, 2025
Ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.ULwesithathu, Septhemba 17, 2025
Niklebhule inhliziyo yenu,hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi.
ULwesibili, Septhemba 16, 2025
Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane,ziqine zonke izindlela zakho.
UMsombuluko, Septhemba 15, 2025
Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.ISonto, Septhemba 14, 2025
Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.UMgqibelo, Septhemba 13, 2025
Mbonge uJehova, mphefumulo wami;konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.
ULwesihlanu, Septhemba 12, 2025
Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.ULwesine, Septhemba 11, 2025
Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.ULwesithathu, Septhemba 10, 2025
Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.
ULwesibili, Septhemba 9, 2025
Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.UMsombuluko, Septhemba 8, 2025
Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.ISonto, Septhemba 7, 2025
Ngiyakujabula, ngethabe kuwe;ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke.
UMgqibelo, Septhemba 6, 2025
Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.ULwesihlanu, Septhemba 5, 2025
Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.ULwesine, Septhemba 4, 2025
Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.
ULwesithathu, Septhemba 3, 2025
Nibusisiwe, nxa abantu benizondananxa benicwasa, benithuka,
belilahla igama lenu ngokungathi libi
ngenxa yeNdodana yomuntu.
ULwesibili, Septhemba 2, 2025
Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!UMsombuluko, Septhemba 1, 2025
UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,unomusa emisebenzini yakhe yonke.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...