ISonto, Agasti 31, 2025
Ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.UMgqibelo, Agasti 30, 2025
Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.ULwesihlanu, Agasti 29, 2025
Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.
ULwesine, Agasti 28, 2025
UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”ULwesithathu, Agasti 27, 2025
Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.ULwesibili, Agasti 26, 2025
Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho,ngokuba ungiphilisile ngazo.
UMsombuluko, Agasti 25, 2025
Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukela uMoya oNgcwele njengathi na?ISonto, Agasti 24, 2025
Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.UMgqibelo, Agasti 23, 2025
Yizwa umkhuleko wami, Jehova,ulalele ukumemeza kwami;
ungathuli ngezinyembezi zami,
ngokuba ngingumfokazi kuwe;
ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.
ULwesihlanu, Agasti 22, 2025
Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo.ULwesine, Agasti 21, 2025
Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto;ngubani onomqondo, azazi, na?
Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile;
abalungileyo bayakuhamba ngazo,
kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.
ULwesithathu, Agasti 20, 2025
Uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;uyazi okusebumnyameni,
nokukhanya kuhlezi kuye.
ULwesibili, Agasti 19, 2025
Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”UMsombuluko, Agasti 18, 2025
Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.ISonto, Agasti 17, 2025
Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,nengalo yabo ayibasindisanga;
kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,
nokukhanya kobuso bakho,
ngokuba wawubathanda.
UMgqibelo, Agasti 16, 2025
Njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.ULwesihlanu, Agasti 15, 2025
Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.ULwesine, Agasti 14, 2025
Fundani ukwenza okuhle,nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi.
ULwesithathu, Agasti 13, 2025
Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.ULwesibili, Agasti 12, 2025
UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”UMsombuluko, Agasti 11, 2025
Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.
ISonto, Agasti 10, 2025
Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.UMgqibelo, Agasti 9, 2025
Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.ULwesihlanu, Agasti 8, 2025
Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehovauyingcebo, nodumo, nokuphila.
ULwesine, Agasti 7, 2025
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”ULwesithathu, Agasti 6, 2025
Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.ULwesibili, Agasti 5, 2025
Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;ngizakukululeka ngeso lami.
UMsombuluko, Agasti 4, 2025
Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.ISonto, Agasti 3, 2025
Abantu bathi kuJoshuwa: “UJehova uNkulunkulu wethu siyakumkhonza, sililalele izwi lakhe.”UMgqibelo, Agasti 2, 2025
Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.
ULwesihlanu, Agasti 1, 2025
Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...