DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Agasti 2025

ISonto, Agasti 31, 2025

Ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.

UMgqibelo, Agasti 30, 2025

Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.

ULwesihlanu, Agasti 29, 2025

Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,
kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.

ULwesine, Agasti 28, 2025

UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”

ULwesithathu, Agasti 27, 2025

Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

ULwesibili, Agasti 26, 2025

Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho,
ngokuba ungiphilisile ngazo.

UMsombuluko, Agasti 25, 2025

Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukela uMoya oNgcwele njengathi na?

ISonto, Agasti 24, 2025

Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.

UMgqibelo, Agasti 23, 2025

Yizwa umkhuleko wami, Jehova,
ulalele ukumemeza kwami;
ungathuli ngezinyembezi zami,
ngokuba ngingumfokazi kuwe;
ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.

ULwesihlanu, Agasti 22, 2025

Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo.

ULwesine, Agasti 21, 2025

Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto;
ngubani onomqondo, azazi, na?
Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile;
abalungileyo bayakuhamba ngazo,
kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.

ULwesithathu, Agasti 20, 2025

Uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;
uyazi okusebumnyameni,
nokukhanya kuhlezi kuye.

ULwesibili, Agasti 19, 2025

Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”

UMsombuluko, Agasti 18, 2025

Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

ISonto, Agasti 17, 2025

Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,
nengalo yabo ayibasindisanga;
kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,
nokukhanya kobuso bakho,
ngokuba wawubathanda.

UMgqibelo, Agasti 16, 2025

Njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.

ULwesihlanu, Agasti 15, 2025

Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.

ULwesine, Agasti 14, 2025

Fundani ukwenza okuhle,
nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi.

ULwesithathu, Agasti 13, 2025

Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.

ULwesibili, Agasti 12, 2025

UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”

UMsombuluko, Agasti 11, 2025

Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,
yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.

ISonto, Agasti 10, 2025

Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.

UMgqibelo, Agasti 9, 2025

Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.

ULwesihlanu, Agasti 8, 2025

Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova
uyingcebo, nodumo, nokuphila.

ULwesine, Agasti 7, 2025

UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”

ULwesithathu, Agasti 6, 2025

Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.

ULwesibili, Agasti 5, 2025

Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;
ngizakukululeka ngeso lami.

UMsombuluko, Agasti 4, 2025

Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

ISonto, Agasti 3, 2025

Abantu bathi kuJoshuwa: “UJehova uNkulunkulu wethu siyakumkhonza, sililalele izwi lakhe.”

UMgqibelo, Agasti 2, 2025

Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,
kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.

ULwesihlanu, Agasti 1, 2025

Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.