DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Julayi 2025

ULwesine, Julayi 31, 2025

Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.

ULwesithathu, Julayi 30, 2025

Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

ULwesibili, Julayi 29, 2025

Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.

UMsombuluko, Julayi 28, 2025

Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.

ISonto, Julayi 27, 2025

Akakho ongcwele njengoJehova,
ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho;
futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.

UMgqibelo, Julayi 26, 2025

Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.

ULwesihlanu, Julayi 25, 2025

Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Lokho iso elingakubonanga,
nendlebe engakuzwanga,
okungavelanga enhliziyweni yamuntu,
uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”

ULwesine, Julayi 24, 2025

Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

ULwesithathu, Julayi 23, 2025

KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.

ULwesibili, Julayi 22, 2025

Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.

UMsombuluko, Julayi 21, 2025

Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,
ngokuba bayakubona uNkulunkulu.

ISonto, Julayi 20, 2025

Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.

UMgqibelo, Julayi 19, 2025

Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

ULwesihlanu, Julayi 18, 2025

UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone;
uJehova uyavusa abathotshisiweyo;
uJehova uyathanda abalungileyo.

ULwesine, Julayi 17, 2025

Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.

ULwesibili, Julayi 15, 2025

Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
chezukisa unyawo lwakho ebubini.

UMsombuluko, Julayi 14, 2025

Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?

UMgqibelo, Julayi 12, 2025

Thula phambi kukaJehova,
ulindele yena;
ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,
ngomuntu osongoza amacebo amabi.

ULwesihlanu, Julayi 11, 2025

Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.

ULwesine, Julayi 10, 2025

Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?

ULwesithathu, Julayi 9, 2025

Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,
nokumazi oNgcwele kungukuqonda.

ULwesibili, Julayi 8, 2025

Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.

UMsombuluko, Julayi 7, 2025

Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.

ISonto, Julayi 6, 2025

Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;
ngenxa yegama lakho uyakungihola,
ungiqondise.

UMgqibelo, Julayi 5, 2025

Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.”

ULwesihlanu, Julayi 4, 2025

Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.

ULwesine, Julayi 3, 2025

Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?
Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:
mina Jehova engingowokuqala
nenginguye nakwabokuphela.

ULwesithathu, Julayi 2, 2025

Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.

ULwesibili, Julayi 1, 2025

Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi.