ULwesine, Julayi 31, 2025
Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.ULwesithathu, Julayi 30, 2025
Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.
ULwesibili, Julayi 29, 2025
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.UMsombuluko, Julayi 28, 2025
Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.ISonto, Julayi 27, 2025
Akakho ongcwele njengoJehova,ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho;
futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.
UMgqibelo, Julayi 26, 2025
Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.ULwesihlanu, Julayi 25, 2025
Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:“Lokho iso elingakubonanga,
nendlebe engakuzwanga,
okungavelanga enhliziyweni yamuntu,
uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”
ULwesine, Julayi 24, 2025
Labo bayakhala, uJehova uyezwa;uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
ULwesithathu, Julayi 23, 2025
KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.ULwesibili, Julayi 22, 2025
Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.UMsombuluko, Julayi 21, 2025
Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
ISonto, Julayi 20, 2025
Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.UMgqibelo, Julayi 19, 2025
Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.ULwesihlanu, Julayi 18, 2025
UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone;uJehova uyavusa abathotshisiweyo;
uJehova uyathanda abalungileyo.
ULwesine, Julayi 17, 2025
Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.ULwesithathu, Julayi 16, 2025
Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.ULwesibili, Julayi 15, 2025
Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo;chezukisa unyawo lwakho ebubini.
UMsombuluko, Julayi 14, 2025
Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?UMgqibelo, Julayi 12, 2025
Thula phambi kukaJehova,ulindele yena;
ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,
ngomuntu osongoza amacebo amabi.
ULwesihlanu, Julayi 11, 2025
Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.ULwesine, Julayi 10, 2025
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?ULwesithathu, Julayi 9, 2025
Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
ULwesibili, Julayi 8, 2025
Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.UMsombuluko, Julayi 7, 2025
Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.ISonto, Julayi 6, 2025
Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;ngenxa yegama lakho uyakungihola,
ungiqondise.
UMgqibelo, Julayi 5, 2025
Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.”ULwesihlanu, Julayi 4, 2025
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.ULwesine, Julayi 3, 2025
Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:
mina Jehova engingowokuqala
nenginguye nakwabokuphela.
ULwesithathu, Julayi 2, 2025
Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.ULwesibili, Julayi 1, 2025
Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...