UMsombuluko, Juni 30, 2025
Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,umusa wakho, Jehova, wangiphasa.
ISonto, Juni 29, 2025
Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.UMgqibelo, Juni 28, 2025
Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;
uNkulunkulu wami uyakungizwa.
ULwesihlanu, Juni 27, 2025
Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;ngisindise, ngisindiswe,
ngokuba uludumo lwami.
ULwesine, Juni 26, 2025
Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.ULwesithathu, Juni 25, 2025
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.ULwesibili, Juni 24, 2025
Jehova, yizwa umkhuleko wami,ubeke indlebe ekuncengeni kwami;
ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.
UMsombuluko, Juni 23, 2025
Nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.ISonto, Juni 22, 2025
Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.UMgqibelo, Juni 21, 2025
Utshani buyabuna,imbali iyavuthuluka,
kepha izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade.
ULwesihlanu, Juni 20, 2025
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.ULwesine, Juni 19, 2025
Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.ULwesithathu, Juni 18, 2025
Lindela uJehova, uqine,inhliziyo yakho ime isibindi;
yebo, lindela uJehova.
ULwesibili, Juni 17, 2025
Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.UMsombuluko, Juni 16, 2025
Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.ISonto, Juni 15, 2025
Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise,kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.
UMgqibelo, Juni 14, 2025
Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.ULwesihlanu, Juni 13, 2025
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa.ULwesine, Juni 12, 2025
Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.
ULwesithathu, Juni 11, 2025
Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.ULwesibili, Juni 10, 2025
Ngokuba akukho muntu emhlabeniolungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.
UMsombuluko, Juni 9, 2025
Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!
ISonto, Juni 8, 2025
Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.UMgqibelo, Juni 7, 2025
Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?ULwesihlanu, Juni 6, 2025
UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;ngizakwesaba bani na?
UJehova uyinqaba yokuphila kwami;
ngizakuba novalo ngobani na?
ULwesine, Juni 5, 2025
Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.ULwesithathu, Juni 4, 2025
Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho.ULwesibili, Juni 3, 2025
Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
UMsombuluko, Juni 2, 2025
Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.ISonto, Juni 1, 2025
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...