DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Juni 2025

UMsombuluko, Juni 30, 2025

Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,
umusa wakho, Jehova, wangiphasa.

ISonto, Juni 29, 2025

Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.

UMgqibelo, Juni 28, 2025

Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;
ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;
uNkulunkulu wami uyakungizwa.

ULwesihlanu, Juni 27, 2025

Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
ngisindise, ngisindiswe,
ngokuba uludumo lwami.

ULwesine, Juni 26, 2025

Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

ULwesithathu, Juni 25, 2025

Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

ULwesibili, Juni 24, 2025

Jehova, yizwa umkhuleko wami,
ubeke indlebe ekuncengeni kwami;
ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.

UMsombuluko, Juni 23, 2025

Nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.

ISonto, Juni 22, 2025

Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.

UMgqibelo, Juni 21, 2025

Utshani buyabuna,
imbali iyavuthuluka,
kepha izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade.

ULwesihlanu, Juni 20, 2025

Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.

ULwesine, Juni 19, 2025

Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

ULwesithathu, Juni 18, 2025

Lindela uJehova, uqine,
inhliziyo yakho ime isibindi;
yebo, lindela uJehova.

ULwesibili, Juni 17, 2025

Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.

UMsombuluko, Juni 16, 2025

Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.

ISonto, Juni 15, 2025

Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise,
kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.

UMgqibelo, Juni 14, 2025

Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.

ULwesihlanu, Juni 13, 2025

Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa.

ULwesine, Juni 12, 2025

Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;
ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.

ULwesithathu, Juni 11, 2025

Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.

ULwesibili, Juni 10, 2025

Ngokuba akukho muntu emhlabeni
olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.

UMsombuluko, Juni 9, 2025

Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,
nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!

ISonto, Juni 8, 2025

Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.

UMgqibelo, Juni 7, 2025

Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

ULwesihlanu, Juni 6, 2025

UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;
ngizakwesaba bani na?
UJehova uyinqaba yokuphila kwami;
ngizakuba novalo ngobani na?

ULwesine, Juni 5, 2025

Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.

ULwesithathu, Juni 4, 2025

Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho.

ULwesibili, Juni 3, 2025

Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,
kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.

UMsombuluko, Juni 2, 2025

Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

ISonto, Juni 1, 2025

Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.