UMgqibelo, Meyi 31, 2025
Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.Haleluya!
ULwesihlanu, Meyi 30, 2025
Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.ULwesine, Meyi 29, 2025
Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.ULwesithathu, Meyi 28, 2025
Othanda ukulaywa uthanda ukwazi;ozonda ukusolwa uyisiwula.
ULwesibili, Meyi 27, 2025
Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.UMsombuluko, Meyi 26, 2025
Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.ISonto, Meyi 25, 2025
Ngilondoloze, Nkulunkulu,ngokuba ngiyaphephela kuwe.
UMgqibelo, Meyi 24, 2025
Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.ULwesihlanu, Meyi 23, 2025
Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.ULwesine, Meyi 22, 2025
Ngomlomo umuntuongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.
ULwesithathu, Meyi 21, 2025
Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo.ULwesibili, Meyi 20, 2025
Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.UMsombuluko, Meyi 19, 2025
Wozani; masikhuleke, sikhothame,siguqe phambi kukaJehova,
uMenzi wethu.
ISonto, Meyi 18, 2025
Nakuba umuntu ahlula oyedwa,ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.
UMgqibelo, Meyi 17, 2025
Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.ULwesihlanu, Meyi 16, 2025
Isibusiso sikaJehova siyacebisa;akenezeli usizi kuso.
ULwesine, Meyi 15, 2025
Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.ULwesithathu, Meyi 14, 2025
UJehova uzakunilwela, nothula nina.ULwesibili, Meyi 13, 2025
Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.
UMsombuluko, Meyi 12, 2025
Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”ISonto, Meyi 11, 2025
Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.UMgqibelo, Meyi 10, 2025
Ndodana yami,gcina umyalo kayihlo,
ungawushiyi umthetho kanyoko.
ULwesihlanu, Meyi 9, 2025
Ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele.ULwesine, Meyi 8, 2025
Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.ULwesithathu, Meyi 7, 2025
Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami,ngokuba ungakwesokunene sami,
angiyikuzanyazanyiswa.
ULwesibili, Meyi 6, 2025
Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”UMsombuluko, Meyi 5, 2025
Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.ISonto, Meyi 4, 2025
Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
UMgqibelo, Meyi 3, 2025
Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki.ULwesihlanu, Meyi 2, 2025
Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.ULwesine, Meyi 1, 2025
Uma uJehova engayakhi indlu,basebenzela ize abayakhayo;
uma uJehova engalondolozi umuzi,
umlindi wawo ulindela ize.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...