DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Ephreli 2025)

ULwesine, Ephreli 24, 2025

Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

ULwesithathu, Ephreli 23, 2025

Esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.

ULwesibili, Ephreli 22, 2025

Umngane uthanda ngezikhathi zonke,
nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.

UMsombuluko, Ephreli 21, 2025

Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.

ISonto, Ephreli 20, 2025

Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona.”

UMgqibelo, Ephreli 19, 2025

Izikhathi zami zisesandleni sakho;
ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.

ULwesihlanu, Ephreli 18, 2025

UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.

ULwesine, Ephreli 17, 2025

“Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova.

ULwesithathu, Ephreli 16, 2025

Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na?

ULwesibili, Ephreli 15, 2025

UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”

UMsombuluko, Ephreli 14, 2025

Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo;
inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo,
Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

ISonto, Ephreli 13, 2025

Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

UMgqibelo, Ephreli 12, 2025

Yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.

ULwesihlanu, Ephreli 11, 2025

Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,
ngokuba ububele bakhe abupheli.
Busha ekuseni njalo;
ukuthembeka kwakho kukhulu.

ULwesine, Ephreli 10, 2025

Labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade.

ULwesithathu, Ephreli 9, 2025

INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.

ULwesibili, Ephreli 8, 2025

UJehova useduze nabo bonke abambizayo,
bonke abambizayo ngeqiniso.

UMsombuluko, Ephreli 7, 2025

Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.

ISonto, Ephreli 6, 2025

Uthembekile uNkulunkulu, okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.

UMgqibelo, Ephreli 5, 2025

Inhliziyo yomuntu iceba indlela,
kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.

ULwesihlanu, Ephreli 4, 2025

Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.

ULwesine, Ephreli 3, 2025

Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.

ULwesithathu, Ephreli 2, 2025

Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;
ukububula kwami akufihlekile kuwe.

ULwesibili, Ephreli 1, 2025

Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela