DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Mashi 2025)

UMsombuluko, Mashi 31, 2025

Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.

ISonto, Mashi 30, 2025

Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;
olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

UMgqibelo, Mashi 29, 2025

Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:
“Ngifuneni, niphile.”

ULwesihlanu, Mashi 28, 2025

Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.”

ULwesine, Mashi 27, 2025

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

ULwesithathu, Mashi 26, 2025

Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.

ULwesibili, Mashi 25, 2025

UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.

UMsombuluko, Mashi 24, 2025

Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo,
kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.

ISonto, Mashi 23, 2025

Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.

UMgqibelo, Mashi 22, 2025

Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”

ULwesihlanu, Mashi 21, 2025

Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;
yena uzakukwenza.
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,
nokufanele wena njengemini.

ULwesine, Mashi 20, 2025

Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.

ULwesithathu, Mashi 19, 2025

Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

ULwesibili, Mashi 18, 2025

Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,
yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,
ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,
abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.

UMsombuluko, Mashi 17, 2025

Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.

ISonto, Mashi 16, 2025

Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.

UMgqibelo, Mashi 15, 2025

Egcina izindlela zokulunga,
elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.

ULwesihlanu, Mashi 14, 2025

Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,
nezono zabo angisayikuzikhumbula.

ULwesine, Mashi 13, 2025

Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.

ULwesithathu, Mashi 12, 2025

Nginobani ezulwini na?
Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

ULwesibili, Mashi 11, 2025

Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.

UMsombuluko, Mashi 10, 2025

Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.

ISonto, Mashi 9, 2025

Kepha manje, Jehova, unguBaba;
thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,
singumsebenzi wesandla sakho sonke.

UMgqibelo, Mashi 8, 2025

Manje-ke ulibalelani na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.

ULwesihlanu, Mashi 7, 2025

Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.

ULwesine, Mashi 6, 2025

Ngazise imendo yakho, Jehova;
ngifundise izindlela zakho.

ULwesibili, Mashi 4, 2025

UPawulu wayesethi: “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.”

UMsombuluko, Mashi 3, 2025

Zimnandi kangakanani ezintabeni
izinyawo zoletha izindaba ezinhle,
nomemezela ukuthula,
obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,
oshoyo kulo iSiyoni ukuthi:
“UNkulunkulu wakho uyinkosi.”

ISonto, Mashi 2, 2025

Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.

UMgqibelo, Mashi 1, 2025

Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Bheka, kuhle, kumnandi kangaka
ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela