DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2025)

ULwesihlanu, Februwari 28, 2025

UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;
ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.

ULwesine, Februwari 27, 2025

Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.

ULwesithathu, Februwari 26, 2025

Lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga.

ULwesibili, Februwari 25, 2025

Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo,
kepha incithakalo ikubenzi bokona.

UMsombuluko, Februwari 24, 2025

Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.

ISonto, Februwari 23, 2025

Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.

UMgqibelo, Februwari 22, 2025

Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

ULwesihlanu, Februwari 21, 2025

Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.

ULwesine, Februwari 20, 2025

Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.

ULwesithathu, Februwari 19, 2025

Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.

ULwesibili, Februwari 18, 2025

Kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu.

UMsombuluko, Februwari 17, 2025

Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.

ISonto, Februwari 16, 2025

Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;
ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,
ngiphakame emhlabeni.

UMgqibelo, Februwari 15, 2025

Ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.

ULwesine, Februwari 13, 2025

Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?
Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.

ULwesithathu, Februwari 12, 2025

Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.

ULwesibili, Februwari 11, 2025

Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba.

UMsombuluko, Februwari 10, 2025

Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami
ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.

ISonto, Februwari 9, 2025

Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

UMgqibelo, Februwari 8, 2025

Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu.

ULwesihlanu, Februwari 7, 2025

Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,
kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.

ULwesine, Februwari 6, 2025

Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.

ULwesithathu, Februwari 5, 2025

Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.

ULwesibili, Februwari 4, 2025

Yahlulelani ompofu nentandane,
nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo.

UMsombuluko, Februwari 3, 2025

Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.

ISonto, Februwari 2, 2025

UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.

UMgqibelo, Februwari 1, 2025

Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,
injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Zimnandi kangakanani ezintabeni
izinyawo zoletha izindaba ezinhle,
nomemezela ukuthula,
obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,
oshoyo kulo iSiyoni ukuthi:
“UNkulunkulu wakho uyinkosi.”

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela