DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Januwari 2025)

ULwesihlanu, Januwari 31, 2025

Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

ULwesine, Januwari 30, 2025

E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo.

ULwesithathu, Januwari 29, 2025

Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;
idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

ULwesibili, Januwari 28, 2025

Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.

UMsombuluko, Januwari 27, 2025

Ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.

ISonto, Januwari 26, 2025

Oqondileyo uyabona ububi, acashe,
kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.

UMgqibelo, Januwari 25, 2025

Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi.

ULwesihlanu, Januwari 24, 2025

Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.

ULwesine, Januwari 23, 2025

Uyakungazisa indlela yokuphila;
ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.

ULwesithathu, Januwari 22, 2025

Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,
nokulunga njengomfula onganqamukiyo.

ULwesibili, Januwari 21, 2025

Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

UMsombuluko, Januwari 20, 2025

Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,
yachotshozwa ngobubi bethu;
isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,
nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

ISonto, Januwari 19, 2025

Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.

ULwesihlanu, Januwari 17, 2025

Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,
nina nonke enithemba uJehova.

ULwesine, Januwari 16, 2025

Ngalokho yamukelanani, njengalokho noKristu wasamukela, ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.

ULwesithathu, Januwari 15, 2025

Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.

ULwesibili, Januwari 14, 2025

Insimbi ilola insimbi,
nomuntu ubuso bomunye.

UMsombuluko, Januwari 13, 2025

Nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.

ISonto, Januwari 12, 2025

Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.

UMgqibelo, Januwari 11, 2025

Ngiyakuyaphi,
ngisuke emoyeni wakho, na?
Ngiyakubalekelaphi,
ngimuke ebusweni bakho, na?
Uma ngikhuphukela ezulwini,
wena ulapho;
uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.

ULwesihlanu, Januwari 10, 2025

Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.

ULwesine, Januwari 9, 2025

Lapho uNkulunkulu esebona izenzo zabo ukuthi babuya endleleni yabo embi, uNkulunkulu wazisola ngokubi owayeshilo ukuthi uyakukwenza kubo, akakwenzanga.

ULwesithathu, Januwari 8, 2025

Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,
ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;
unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;
ulungile, uqotho yena.

ULwesibili, Januwari 7, 2025

Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.

UMsombuluko, Januwari 6, 2025

Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?

ISonto, Januwari 5, 2025

Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,
kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.

UMgqibelo, Januwari 4, 2025

Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu.

ULwesihlanu, Januwari 3, 2025

Wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”

ULwesine, Januwari 2, 2025

Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;
emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.

ULwesithathu, Januwari 1, 2025

Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.

Amavesi eBhayibheli osuku

Yahlulelani ompofu nentandane,
nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela