DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2015)

UMgqibelo, Februwari 28, 2015

Ungesabi, ngokuba mina nginawe;
ungapheli amandla,
ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

ULwesihlanu, Februwari 27, 2015

UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.

ULwesine, Februwari 26, 2015

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.

ULwesithathu, Februwari 25, 2015

Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,
nalo udumo lwakho usuku lonke.

ULwesibili, Februwari 24, 2015

Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

UMsombuluko, Februwari 23, 2015

Niyakusho ngalolo suku ukuthi:
“Bongani uJehova,
nibize igama lakhe,
nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe,
nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.”

ISonto, Februwari 22, 2015

Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.

UMgqibelo, Februwari 21, 2015

Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.

ULwesihlanu, Februwari 20, 2015

Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova,
isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.

ULwesine, Februwari 19, 2015

Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

ULwesithathu, Februwari 18, 2015

Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”

ULwesibili, Februwari 17, 2015

Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.

UMsombuluko, Februwari 16, 2015

Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo.

ISonto, Februwari 15, 2015

Ukulunga kuyaphakamisa isizwe,
kepha ukona kuyihlazo kubantu.

UMgqibelo, Februwari 14, 2015

Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.

ULwesihlanu, Februwari 13, 2015

Ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu.

ULwesine, Februwari 12, 2015

Bheka, kuhle, kumnandi kangaka
ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

ULwesithathu, Februwari 11, 2015

Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.

ULwesibili, Februwari 10, 2015

Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu; nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla.

UMsombuluko, Februwari 9, 2015

UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.”

ISonto, Februwari 8, 2015

Ukuzidla komuntu kuyamthobisa,
kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.

UMgqibelo, Februwari 7, 2015

UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”

ULwesihlanu, Februwari 6, 2015

Hlabelelani kuNkulunkulu,
nidumise igama lakhe;
menzeleni umendo lowo odabula amahlane;
igama lakhe linguJehova;
yethabani phambi kwakhe,
uyise wezintandane,
umahluleli wabafelokazi,
uNkulunkulu endlini yakhe engcwele.

ULwesine, Februwari 5, 2015

Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo.

ULwesithathu, Februwari 4, 2015

Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

ULwesibili, Februwari 3, 2015

Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

UMsombuluko, Februwari 2, 2015

Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,
lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.

ISonto, Februwari 1, 2015

Ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela