DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Januwari 2022)

UMsombuluko, Januwari 31, 2022

Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.

ISonto, Januwari 30, 2022

Gezani, nihlanzeke,
nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,
niyeke ukwenza okubi.

UMgqibelo, Januwari 29, 2022

Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.

ULwesihlanu, Januwari 28, 2022

Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.

ULwesine, Januwari 27, 2022

Izikhathi zami zisesandleni sakho;
ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.

ULwesithathu, Januwari 26, 2022

UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.”

ULwesibili, Januwari 25, 2022

Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.

UMsombuluko, Januwari 24, 2022

Isipho somuntu siyamenzela indawo,
simholele kwabakhulu.

ISonto, Januwari 23, 2022

Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.

UMgqibelo, Januwari 22, 2022

Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.

ULwesihlanu, Januwari 21, 2022

UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;
ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.

ULwesine, Januwari 20, 2022

Nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.

ULwesithathu, Januwari 19, 2022

Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?

ULwesibili, Januwari 18, 2022

Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

UMsombuluko, Januwari 17, 2022

Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”

UMgqibelo, Januwari 15, 2022

Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,
unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.

ULwesihlanu, Januwari 14, 2022

Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane.

ULwesine, Januwari 13, 2022

Ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.

ULwesithathu, Januwari 12, 2022

UJehova uyaphofisa, abesecebisa;
uyathobisa, abesephakamisa.

ULwesibili, Januwari 11, 2022

Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.”

ISonto, Januwari 9, 2022

Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,
abahamba ngezindlela zakhe.

UMgqibelo, Januwari 8, 2022

Lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga.

ULwesihlanu, Januwari 7, 2022

Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

ULwesine, Januwari 6, 2022

Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,
awuqotho phakathi kwakhe,
kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.

ULwesithathu, Januwari 5, 2022

Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.

ULwesibili, Januwari 4, 2022

Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.

UMsombuluko, Januwari 3, 2022

Thula phambi kukaJehova,
ulindele yena;
ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,
ngomuntu osongoza amacebo amabi.

ISonto, Januwari 2, 2022

Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.

UMgqibelo, Januwari 1, 2022

Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela