DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Disemba 2021)

ULwesihlanu, Disemba 31, 2021

Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,
yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,
ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,
abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.

ULwesine, Disemba 30, 2021

Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.

ULwesithathu, Disemba 29, 2021

Babusisiwe abalamulayo,
ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.

ULwesibili, Disemba 28, 2021

Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.

UMsombuluko, Disemba 27, 2021

Thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.

ISonto, Disemba 26, 2021

Nginobani ezulwini na?
Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

UMgqibelo, Disemba 25, 2021

Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.

ULwesihlanu, Disemba 24, 2021

Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.”

ULwesine, Disemba 23, 2021

Zimnandi kangakanani ezintabeni
izinyawo zoletha izindaba ezinhle,
nomemezela ukuthula,
obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,
oshoyo kulo iSiyoni ukuthi:
“UNkulunkulu wakho uyinkosi.”

ULwesithathu, Disemba 22, 2021

Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho.

ULwesibili, Disemba 21, 2021

Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.

UMsombuluko, Disemba 20, 2021

Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,
nalo udumo lwakho usuku lonke.

ISonto, Disemba 19, 2021

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.

UMgqibelo, Disemba 18, 2021

Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.

ULwesihlanu, Disemba 17, 2021

Mfuneni uJehova esenokutholwa,
nimbize eseseduze.

ULwesine, Disemba 16, 2021

Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.

ULwesithathu, Disemba 15, 2021

INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

ULwesibili, Disemba 14, 2021

Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami;
ngiyethemba izwi lakho.

UMsombuluko, Disemba 13, 2021

Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.”

ISonto, Disemba 12, 2021

Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.”

UMgqibelo, Disemba 11, 2021

Isiwula asithokozi ngokuqonda,
kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe.

ULwesihlanu, Disemba 10, 2021

Ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.

ULwesine, Disemba 9, 2021

Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.

ULwesithathu, Disemba 8, 2021

Yahlulelani ompofu nentandane,
nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo.

ULwesibili, Disemba 7, 2021

Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo.

UMsombuluko, Disemba 6, 2021

Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.

ISonto, Disemba 5, 2021

Insimbi ilola insimbi,
nomuntu ubuso bomunye.

UMgqibelo, Disemba 4, 2021

Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

ULwesihlanu, Disemba 3, 2021

Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa; ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

ULwesine, Disemba 2, 2021

Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami
nokukhanya endleleni yami.

ULwesithathu, Disemba 1, 2021

Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela