DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Novemba 2021)

ULwesibili, Novemba 30, 2021

Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.

UMsombuluko, Novemba 29, 2021

Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?
Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:
mina Jehova engingowokuqala
nenginguye nakwabokuphela.

ISonto, Novemba 28, 2021

Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.

UMgqibelo, Novemba 27, 2021

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.

ULwesihlanu, Novemba 26, 2021

Omubi uyatsheleka, angabuyiseli;
kepha olungileyo unesihawu, aphane.

ULwesine, Novemba 25, 2021

Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula.

ULwesithathu, Novemba 24, 2021

Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

ULwesibili, Novemba 23, 2021

Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,
kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.

UMsombuluko, Novemba 22, 2021

Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.

ISonto, Novemba 21, 2021

Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

UMgqibelo, Novemba 20, 2021

Usizo lwethu lusegameni likaJehova
owenzile izulu nomhlaba.

ULwesihlanu, Novemba 19, 2021

Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.

ULwesine, Novemba 18, 2021

Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.

ULwesithathu, Novemba 17, 2021

Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

ULwesibili, Novemba 16, 2021

Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.

UMsombuluko, Novemba 15, 2021

Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

ISonto, Novemba 14, 2021

Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami;
iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami.

UMgqibelo, Novemba 13, 2021

Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.

ULwesihlanu, Novemba 12, 2021

Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.

ULwesine, Novemba 11, 2021

Yimina, yimi enginguye oniduduzayo;
ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,
nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?

ULwesithathu, Novemba 10, 2021

Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.

ULwesibili, Novemba 9, 2021

Nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.

UMsombuluko, Novemba 8, 2021

Ngiyakujabula, ngethabe kuwe;
ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke.

ISonto, Novemba 7, 2021

Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.

UMgqibelo, Novemba 6, 2021

Kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

ULwesihlanu, Novemba 5, 2021

Nalokho kuvela kuJehova Sebawoti
oyisimangaliso ekululekeni
nomkhulu emaswini.

ULwesine, Novemba 4, 2021

Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.

ULwesithathu, Novemba 3, 2021

Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.

ULwesibili, Novemba 2, 2021

Phakama, Nkulunkulu,
phezu kwezulu,
inkazimulo ibe phezu komhlaba wonke.

UMsombuluko, Novemba 1, 2021

Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela