DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2022)

UMsombuluko, Februwari 28, 2022

Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.

ISonto, Februwari 27, 2022

Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”

UMgqibelo, Februwari 26, 2022

Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.

ULwesihlanu, Februwari 25, 2022

Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.

ULwesine, Februwari 24, 2022

Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.

ULwesithathu, Februwari 23, 2022

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

ULwesibili, Februwari 22, 2022

Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.

UMsombuluko, Februwari 21, 2022

Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.

ISonto, Februwari 20, 2022

Lapho amazwi emaningi khona,
akuphuthi ukuphambeka;
obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.

UMgqibelo, Februwari 19, 2022

Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu.

ULwesihlanu, Februwari 18, 2022

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

ULwesine, Februwari 17, 2022

Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo;
inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo,
Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

ULwesithathu, Februwari 16, 2022

Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.

ULwesibili, Februwari 15, 2022

Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.

ISonto, Februwari 13, 2022

Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.

UMgqibelo, Februwari 12, 2022

Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.

ULwesihlanu, Februwari 11, 2022

Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,
yachotshozwa ngobubi bethu;
isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,
nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

ULwesine, Februwari 10, 2022

Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.

ULwesibili, Februwari 8, 2022

Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,
yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.

UMsombuluko, Februwari 7, 2022

Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

ISonto, Februwari 6, 2022

Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu.

UMgqibelo, Februwari 5, 2022

Ngesulile iziphambeko zakho njengefu,
nezono zakho njengemilaza;
buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.

ULwesihlanu, Februwari 4, 2022

Ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.

ULwesine, Februwari 3, 2022

Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,
nezono zabo angisayikuzikhumbula.

ULwesithathu, Februwari 2, 2022

UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;
uyakulonda umphefumulo wakho.
UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

ULwesibili, Februwari 1, 2022

Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.

Amavesi eBhayibheli osuku

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela