DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Mashi 2022)

ULwesine, Mashi 31, 2022

Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,
nina nonke enithemba uJehova.

ULwesithathu, Mashi 30, 2022

UJehova uNkulunkulu wethu makabe nathi njengalokho ayenawobaba; makangasishiyi, angasilahli.

ULwesibili, Mashi 29, 2022

Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na?

UMsombuluko, Mashi 28, 2022

Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.

ISonto, Mashi 27, 2022

Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.

UMgqibelo, Mashi 26, 2022

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.

ULwesihlanu, Mashi 25, 2022

Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;
siyakwethaba, sithokoze ngalo.

ULwesine, Mashi 24, 2022

Njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.

ULwesithathu, Mashi 23, 2022

Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.

ULwesibili, Mashi 22, 2022

Umngane uthanda ngezikhathi zonke,
nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.

UMsombuluko, Mashi 21, 2022

Nakuba umuntu ahlula oyedwa,
ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.

ISonto, Mashi 20, 2022

Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.

UMgqibelo, Mashi 19, 2022

Lindela uJehova, uqine,
inhliziyo yakho ime isibindi;
yebo, lindela uJehova.

ULwesihlanu, Mashi 18, 2022

Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.

ULwesine, Mashi 17, 2022

Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.”

ULwesithathu, Mashi 16, 2022

Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,
kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.

ULwesibili, Mashi 15, 2022

Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.

UMsombuluko, Mashi 14, 2022

Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.

ISonto, Mashi 13, 2022

Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

UMgqibelo, Mashi 12, 2022

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”

ULwesihlanu, Mashi 11, 2022

Njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa.

ULwesine, Mashi 10, 2022

Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,
kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.

ULwesithathu, Mashi 9, 2022

Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.”

ULwesibili, Mashi 8, 2022

Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.

UMsombuluko, Mashi 7, 2022

Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami,
ngokuba ungakwesokunene sami,
angiyikuzanyazanyiswa.

ISonto, Mashi 6, 2022

Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.

UMgqibelo, Mashi 5, 2022

Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

ULwesihlanu, Mashi 4, 2022

Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.

ULwesine, Mashi 3, 2022

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

ULwesithathu, Mashi 2, 2022

Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.

ULwesibili, Mashi 1, 2022

Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela