UMgqibelo, Ephreli 30, 2022
Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.ULwesihlanu, Ephreli 29, 2022
Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.ULwesine, Ephreli 28, 2022
Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi:“Baba wethu osezulwini,
malingcweliswe igama lakho;
mawufike umbuso wakho;
mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. ”
ULwesithathu, Ephreli 27, 2022
Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.ULwesibili, Ephreli 26, 2022
Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.UMsombuluko, Ephreli 25, 2022
Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.
ISonto, Ephreli 24, 2022
Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.UMgqibelo, Ephreli 23, 2022
Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.ULwesihlanu, Ephreli 22, 2022
Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,ngokuba ububele bakhe abupheli.
Busha ekuseni njalo;
ukuthembeka kwakho kukhulu.
ULwesine, Ephreli 21, 2022
Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.ULwesithathu, Ephreli 20, 2022
Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.ULwesibili, Ephreli 19, 2022
Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.
UMsombuluko, Ephreli 18, 2022
Nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.ISonto, Ephreli 17, 2022
Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’UMgqibelo, Ephreli 16, 2022
Utshani buyabuna,imbali iyavuthuluka,
kepha izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade.
ULwesihlanu, Ephreli 15, 2022
UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.ULwesine, Ephreli 14, 2022
Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba.ULwesithathu, Ephreli 13, 2022
Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.ULwesibili, Ephreli 12, 2022
Zithokozise ngoJehova,yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.
UMsombuluko, Ephreli 11, 2022
Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.ISonto, Ephreli 10, 2022
Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi:“Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!
Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
Hosiyana kweliphezulu!”
UMgqibelo, Ephreli 9, 2022
Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
ULwesihlanu, Ephreli 8, 2022
Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.ULwesine, Ephreli 7, 2022
Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.ULwesithathu, Ephreli 6, 2022
UJehova ungakimi, angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?
ULwesibili, Ephreli 5, 2022
UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.UMsombuluko, Ephreli 4, 2022
UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”ISonto, Ephreli 3, 2022
Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
UMgqibelo, Ephreli 2, 2022
Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.ULwesihlanu, Ephreli 1, 2022
Ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,nina nonke enithemba uJehova.Ivesi elilandelayo