DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Meyi 2022)

ULwesibili, Meyi 31, 2022

Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;
emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.

UMsombuluko, Meyi 30, 2022

Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.

ISonto, Meyi 29, 2022

Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.

UMgqibelo, Meyi 28, 2022

Wozani; masikhuleke, sikhothame,
siguqe phambi kukaJehova,
uMenzi wethu.

ULwesihlanu, Meyi 27, 2022

Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

ULwesine, Meyi 26, 2022

Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.

ULwesithathu, Meyi 25, 2022

Egcina izindlela zokulunga,
elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.

ULwesibili, Meyi 24, 2022

Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.

UMsombuluko, Meyi 23, 2022

Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.

ISonto, Meyi 22, 2022

Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

UMgqibelo, Meyi 21, 2022

Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.”

ULwesihlanu, Meyi 20, 2022

Kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.

ULwesine, Meyi 19, 2022

Dedisela kude nami okuyize namanga,
unganginiki ubumpofu nengcebo,
kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo.

ULwesithathu, Meyi 18, 2022

Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando.

ULwesibili, Meyi 17, 2022

Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke.

UMsombuluko, Meyi 16, 2022

Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,
umusa wakho, Jehova, wangiphasa.

ISonto, Meyi 15, 2022

Kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini.

UMgqibelo, Meyi 14, 2022

Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.

ULwesihlanu, Meyi 13, 2022

“Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova.

ULwesine, Meyi 12, 2022

Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.

ULwesithathu, Meyi 11, 2022

Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:
“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”

ULwesibili, Meyi 10, 2022

UJehova useduze nabo bonke abambizayo,
bonke abambizayo ngeqiniso.

UMsombuluko, Meyi 9, 2022

Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.

ISonto, Meyi 8, 2022

Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

UMgqibelo, Meyi 7, 2022

Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova
uyingcebo, nodumo, nokuphila.

ULwesihlanu, Meyi 6, 2022

INkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina.

ULwesine, Meyi 5, 2022

Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”

ULwesithathu, Meyi 4, 2022

UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone;
uJehova uyavusa abathotshisiweyo;
uJehova uyathanda abalungileyo.

ULwesibili, Meyi 3, 2022

Wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele.

UMsombuluko, Meyi 2, 2022

INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

ISonto, Meyi 1, 2022

Isandla sabakhutheleyo siyakubusa,
kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela