DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Januwari 2024)

ULwesithathu, Januwari 31, 2024

Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,
kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu.

ULwesibili, Januwari 30, 2024

Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”

UMsombuluko, Januwari 29, 2024

Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.

ISonto, Januwari 28, 2024

Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo.

UMgqibelo, Januwari 27, 2024

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.

ULwesihlanu, Januwari 26, 2024

“Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”

ULwesine, Januwari 25, 2024

Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;
ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.

ULwesithathu, Januwari 24, 2024

Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.

ULwesibili, Januwari 23, 2024

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.

UMsombuluko, Januwari 22, 2024

Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,
ngigcwalise engikuthembisileyo.
Ukusindiswa kukuye uJehova.

ISonto, Januwari 21, 2024

Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

UMgqibelo, Januwari 20, 2024

Ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi; uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni.

ULwesihlanu, Januwari 19, 2024

Makakunike njengokwenhliziyo yakho,
afeze icebo lakho lonke.

ULwesine, Januwari 18, 2024

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

ULwesithathu, Januwari 17, 2024

Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa.

ULwesibili, Januwari 16, 2024

Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

UMsombuluko, Januwari 15, 2024

Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.

ISonto, Januwari 14, 2024

Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.

UMgqibelo, Januwari 13, 2024

Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu,
sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.

ULwesine, Januwari 11, 2024

Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo.

ULwesithathu, Januwari 10, 2024

UJehova makakubusise, akulondoloze;
uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula.

ULwesibili, Januwari 9, 2024

Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

UMsombuluko, Januwari 8, 2024

UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.

ISonto, Januwari 7, 2024

UJehova uyinqaba yocindezelweyo,
uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.

UMgqibelo, Januwari 6, 2024

Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.

ULwesihlanu, Januwari 5, 2024

Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.

ULwesine, Januwari 4, 2024

Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,
nomkhuleko wakhe uyisinengiso.

ULwesithathu, Januwari 3, 2024

Vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi.

ULwesibili, Januwari 2, 2024

Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

UMsombuluko, Januwari 1, 2024

Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,
ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;
ngilindela wena usuku lonke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela