DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Disemba 2023)

ISonto, Disemba 31, 2023

Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.

UMgqibelo, Disemba 30, 2023

Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.

ULwesihlanu, Disemba 29, 2023

Kepha abamethembayo uJehova
bayathola amandla amasha,
bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla.

ULwesine, Disemba 28, 2023

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.

ULwesithathu, Disemba 27, 2023

UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

ULwesibili, Disemba 26, 2023

Ngokuba wena uyokhela isibani sami;
uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

UMsombuluko, Disemba 25, 2023

Ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.

ISonto, Disemba 24, 2023

Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.

UMgqibelo, Disemba 23, 2023

Jehova, unguNkulunkulu wami;
ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.

ULwesihlanu, Disemba 22, 2023

UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.

ULwesine, Disemba 21, 2023

Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.

ULwesithathu, Disemba 20, 2023

Wena uyindawo yami yokucasha;
uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela

ULwesibili, Disemba 19, 2023

Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.

UMsombuluko, Disemba 18, 2023

Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

ISonto, Disemba 17, 2023

Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.

UMgqibelo, Disemba 16, 2023

Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.

ULwesihlanu, Disemba 15, 2023

Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana.

ULwesithathu, Disemba 13, 2023

Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.

ULwesibili, Disemba 12, 2023

Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.

UMsombuluko, Disemba 11, 2023

Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;
injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

ISonto, Disemba 10, 2023

Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.

UMgqibelo, Disemba 9, 2023

Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.

ULwesihlanu, Disemba 8, 2023

Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile,
nanjengomlindo ebusuku.

ULwesine, Disemba 7, 2023

Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.

ULwesithathu, Disemba 6, 2023

Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.

ULwesibili, Disemba 5, 2023

Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho.

UMsombuluko, Disemba 4, 2023

Ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”

ISonto, Disemba 3, 2023

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.

UMgqibelo, Disemba 2, 2023

Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,
lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.

ULwesihlanu, Disemba 1, 2023

Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela