DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Novemba 2023)

ULwesine, Novemba 30, 2023

Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.

ULwesithathu, Novemba 29, 2023

Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;
ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami.

ULwesibili, Novemba 28, 2023

Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

UMsombuluko, Novemba 27, 2023

Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.

ISonto, Novemba 26, 2023

UJehova ungumalusi wami,
angiyikuswela.
Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;
uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

UMgqibelo, Novemba 25, 2023

Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

ULwesihlanu, Novemba 24, 2023

Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.

ULwesine, Novemba 23, 2023

Dumisa uJehova ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.

ULwesithathu, Novemba 22, 2023

Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.

ULwesibili, Novemba 21, 2023

Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.

UMsombuluko, Novemba 20, 2023

Ngifundise, Jehova, indlela yakho;
ngiyakuhamba eqinisweni lakho;
yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,
yesabe igama lakho.

ISonto, Novemba 19, 2023

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo.

UMgqibelo, Novemba 18, 2023

Ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke.

ULwesihlanu, Novemba 17, 2023

Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

ULwesine, Novemba 16, 2023

Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.

ULwesithathu, Novemba 15, 2023

Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

ULwesibili, Novemba 14, 2023

Kepha ngiwuthembile umusa wakho;
inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;
ngizakuhlabelela kuJehova,
ngokuba ungenzele okuhle.

UMsombuluko, Novemba 13, 2023

Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

ISonto, Novemba 12, 2023

Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.

UMgqibelo, Novemba 11, 2023

Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;
ngikuhola emikhondweni yobuqotho.

ULwesihlanu, Novemba 10, 2023

Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”

ULwesine, Novemba 9, 2023

Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.

ULwesithathu, Novemba 8, 2023

UJehova unobubele nesihawu;
wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

ULwesibili, Novemba 7, 2023

Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.

UMsombuluko, Novemba 6, 2023

Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.

ISonto, Novemba 5, 2023

Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba
enisebenzile ukwahlulela kwakhe;
funani ukulunga; funani ukuthobeka;
mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.

UMgqibelo, Novemba 4, 2023

Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.

ULwesihlanu, Novemba 3, 2023

Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”

ULwesine, Novemba 2, 2023

Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

ULwesithathu, Novemba 1, 2023

Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela