DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Okthoba 2023)

ULwesibili, Okthoba 31, 2023

Wena Jehova umi phakade;
isihlalo sakho sobukhosi
sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.

UMsombuluko, Okthoba 30, 2023

Ukutshelile, muntu, okuhle;
uJehova ufunani kuwe,
kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

ISonto, Okthoba 29, 2023

Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!

UMgqibelo, Okthoba 28, 2023

Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.

ULwesihlanu, Okthoba 27, 2023

Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.

ULwesine, Okthoba 26, 2023

Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.

ULwesithathu, Okthoba 25, 2023

Esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.

ULwesibili, Okthoba 24, 2023

Ubuhle buyinkohliso,
nokubukeka kuyize,
kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.

UMsombuluko, Okthoba 23, 2023

Nakhu ukuphela kwendaba,
lapho sekuzwakele konke:
Mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke.

ISonto, Okthoba 22, 2023

Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.

UMgqibelo, Okthoba 21, 2023

Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,
uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

ULwesihlanu, Okthoba 20, 2023

Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.

ULwesine, Okthoba 19, 2023

Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?

ULwesithathu, Okthoba 18, 2023

Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,
kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.

ULwesibili, Okthoba 17, 2023

Nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.

UMsombuluko, Okthoba 16, 2023

Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye.

ISonto, Okthoba 15, 2023

Nomusa ungowakho, Nkosi;
ngokuba wena umphindisela umuntu
njengokwenza kwakhe.

UMgqibelo, Okthoba 14, 2023

Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.

ULwesihlanu, Okthoba 13, 2023

Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.

ULwesine, Okthoba 12, 2023

“Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo
ukuze ngingamboni na?” usho uJehova.
“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.

ULwesithathu, Okthoba 11, 2023

Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.

ULwesibili, Okthoba 10, 2023

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

UMsombuluko, Okthoba 9, 2023

Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;
okulondolozayo akayikozela.

ISonto, Okthoba 8, 2023

Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.

UMgqibelo, Okthoba 7, 2023

Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.

ULwesihlanu, Okthoba 6, 2023

Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi.

ULwesine, Okthoba 5, 2023

Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.

ULwesithathu, Okthoba 4, 2023

Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade.

ULwesibili, Okthoba 3, 2023

Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.

UMsombuluko, Okthoba 2, 2023

Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.

ISonto, Okthoba 1, 2023

Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela