DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Septhemba 2023)

UMgqibelo, Septhemba 30, 2023

Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu;
akukho sikhubekiso kubo.

ULwesihlanu, Septhemba 29, 2023

Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.

ULwesine, Septhemba 28, 2023

Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.

ULwesithathu, Septhemba 27, 2023

Amehlo akho mawabheke phambili,
nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho.

ULwesibili, Septhemba 26, 2023

Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

UMsombuluko, Septhemba 25, 2023

Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi. Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.

ISonto, Septhemba 24, 2023

Babusisiwe abaqotho endleleni,
abahamba ngemithetho kaJehova.

UMgqibelo, Septhemba 23, 2023

Nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.

ULwesihlanu, Septhemba 22, 2023

Ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.

ULwesine, Septhemba 21, 2023

Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,
kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.

ULwesithathu, Septhemba 20, 2023

Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

ULwesibili, Septhemba 19, 2023

Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.

UMsombuluko, Septhemba 18, 2023

Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,
ngikudumise phakathi kwezizwe.

ISonto, Septhemba 17, 2023

Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.

UMgqibelo, Septhemba 16, 2023

Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe, okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.

ULwesihlanu, Septhemba 15, 2023

Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.

ULwesine, Septhemba 14, 2023

Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe, kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.

ULwesithathu, Septhemba 13, 2023

Nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.

ULwesibili, Septhemba 12, 2023

Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.

UMsombuluko, Septhemba 11, 2023

Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.

ISonto, Septhemba 10, 2023

Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.

UMgqibelo, Septhemba 9, 2023

Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange,
unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.

ULwesihlanu, Septhemba 8, 2023

Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

ULwesine, Septhemba 7, 2023

Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.

ULwesithathu, Septhemba 6, 2023

Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami;
anginakho okuhle ngaphandle kwakho.”

ULwesibili, Septhemba 5, 2023

Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.

ISonto, Septhemba 3, 2023

Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;
ophuzisayo uyakuphuziswa naye.

UMgqibelo, Septhemba 2, 2023

Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”

ULwesihlanu, Septhemba 1, 2023

Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela