DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Agasti 2023)

ULwesine, Agasti 31, 2023

Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke
nohlezi emthunzini kaSomandla
uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami
noNkulunkulu wami engimethembayo.”

ULwesithathu, Agasti 30, 2023

Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.

ULwesibili, Agasti 29, 2023

Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.

UMsombuluko, Agasti 28, 2023

Onakekela izwi uyakufumana okuhle,
nowethembayo kuJehova ubusisiwe.

ISonto, Agasti 27, 2023

Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

UMgqibelo, Agasti 26, 2023

Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.

ULwesihlanu, Agasti 25, 2023

Nina enithanda uJehova zondani okubi;
uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;
uyabasindisa ezandleni zababi.

ULwesine, Agasti 24, 2023

Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.

ULwesithathu, Agasti 23, 2023

Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.

ULwesibili, Agasti 22, 2023

Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

UMsombuluko, Agasti 21, 2023

Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.

ISonto, Agasti 20, 2023

Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.

UMgqibelo, Agasti 19, 2023

Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho
luhle kunezinye eziyizinkulungwane.
Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami
kunokuhlala ematendeni ababi.

ULwesihlanu, Agasti 18, 2023

UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.

ULwesine, Agasti 17, 2023

Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.

ULwesithathu, Agasti 16, 2023

Wonke umshikashika unenzuzo,
kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.

ULwesibili, Agasti 15, 2023

Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

UMsombuluko, Agasti 14, 2023

Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.

ISonto, Agasti 13, 2023

Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,
ongalaziyo ngokupheleleyo.

UMgqibelo, Agasti 12, 2023

Ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena.

ULwesihlanu, Agasti 11, 2023

Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.

ULwesine, Agasti 10, 2023

Nguye omupha oyethileyo amandla,
nakongenamandla uyandisa izikhwepha.

ULwesithathu, Agasti 9, 2023

Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane.

ULwesibili, Agasti 8, 2023

Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.

UMsombuluko, Agasti 7, 2023

Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,
namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.

ISonto, Agasti 6, 2023

‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi:
‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’

UMgqibelo, Agasti 5, 2023

Abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu.

ULwesihlanu, Agasti 4, 2023

Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;
ekupheleni uyakuma othulini.

ULwesine, Agasti 3, 2023

Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?

ULwesithathu, Agasti 2, 2023

ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

ULwesibili, Agasti 1, 2023

Ngizwise umusa wakho ekuseni,
ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.

Amavesi eBhayibheli osuku

Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela